2 IZikhronike 19 - IsiZulu 2020

Umphrofethi UJehu Usola Inkosi UJehoshafathi

1UJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, waphindela emuva esigodlweni sakhe eJerusalema, ephephile.

2 UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.

3 Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”

UJehoshafathi Ubeka Abehluleli

4 UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.

5 Wabeka abehluleli ezweni nasemizini yonke yakwaJuda ebiyelweyo, imizi ngemizi.

6 Wathi kubehluleli: “Kubhekisiseni enikwenzayo, ngokuba anihluleleli abantu, kodwa uNkulunkulu onani ekwehluleleni.

7 Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”

8 NaseJerusalema, uJehoshafathi wabeka abanye babaLevi nabaphristi, nezinye zezinhloko zoyise bakwa-Israyeli ukuze behlulele egameni likaSimakade, bathethe amacala. Babuyela eJerusalema.

9Wabayala wathi: “Niyokwenza kanjalo, nimesabe uSimakade ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.

10 Wonke amacala afika kini evela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezehlulelo, niyakubaxwayisa ngawo ukuba bangabi nacala kuSikamade, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu. Niyokwenza kanjalo, ningabi nacala.

11 “Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help