AMahubo 65 - IsiZulu 2020

Ukubonga Izipho ZikaNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide

1Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni

kuyofezeka isithembiso kuwe.

2Wena oyizwayo imikhuleko,

bonke abantu beza kuwe.

3Iziphambeko zingigabhile,

uyazithethelela iziphambeko zethu.

4Ubusisiwe okhethwe nguwe, wamsondeza

ukuba ahlale emagcekeni akho.

Siyosuthiswa ngokuhle okuvela endlini yakho,

ithempeli lakho elingcwele.

5Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,

Nkulunkulu wensindiso yethu.

Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba

nelolwandle olukude,

6Yena omisa izintaba ngamandla akhe,

obhince amandla,

7othulisa ukuduma kwezilwandle,

inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8Abakhile emikhawulweni yomhlaba

bayesaba ngezibonakaliso zakho,

ujabulisa impumalanga nentshonalanga.

9Uhambela umhlaba,

unisa imvula,

uwuvundisa kakhulu,

umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi,

abantu ubalungisela ukudla.

10Umatisa imisele yawo,

ulalise amasoyi awo,

uwuthambise ngezihlambi,

ubusise okumila kuwo.

11Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho,

imikhondo yakho iconsa amafutha.

12Amadlelo asehlane ayaconsa,

amagquma abhinca injabulo.

13Amadlelo embethe izimvu,

nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu,

konke kuyajabula, kuyahlabelela.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help