INumeri 21 - IsiZulu 2020

Ukunqotshwa Kwenkosi Yase-Aradi

1 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela ese-Atharimi. Walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo.

2 U-Israyeli wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma ubanikela nokubanikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuyichitha impela imizi yabo.”

3 USimakade walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela kuye amaKhanani, bawaqothula nemizi yawo; igama laleyo ndawo kwathiwa yiHorma.

Inyoka Yethusi Iphanyekwa Ensikeni

4Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela.

5 Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”

6 USimakade wathumela izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, zabaluma, kwafa abantu abaningi kwa-Israyeli.

7 Abantu baya kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngawe nangoSimakade; sikhulekele kuSimakade ukuba asuse izinyoka kithi.”

UMose wabakhulekela abantu.

8 USimakade wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyiphanyeke ensikeni. Kuyothi lowo olunywe yinyoka, lapho eyibheka, asinde.”

9 UMose wenza inyoka yethusi, wayiphanyeka ensikeni. Kwakuthi lapho umuntu elunywe yinyoka, bese ebheka inyoka yethusi, asinde.

Uhambo Lwabakwa-Israyeli

10 Abakwa-Israyeli basuka baze bayokanisa e-Obhothi.

11Basuka e-Obhothi, bakanisa e-Iye Abharimi ehlane elingaphambi kwelakwaMowabi lapho ilanga liphuma ngakhona.

12 Basuka lapho baze bayokanisa esigodini iZeredi.

13 Basuka nalapho baze bayokanisa maqondana ne-Arinoni, ehlane elize liyofika endaweni yama-Amori. I-Arinoni lalingumngcele owehlukanisa elakwaMowabi nelama-Amori.

14Yingakho eNcwadini yeziMpi zikaSimakade kuthiwa:

“IWahebi eseSufa,

nezigodi ezise-Arinoni,

15 nomthambeka wezigodi

oholela e-Ari,

oncike emngceleni wakwaMowabi.”

16 Basuka lapho, baya eBheri; lowo ngumthombo athi ngawo uSimakade kuMose: “Qoqa abantu ukuze ngibaphe amanzi.”

17U-Israyeli wayesehlabelela leli culo elithi:

“Mpompoza, mthombo!

Hlabelelani ngawo!

18Ngumthombo owambiwa ngamakhosana,

wambiwa ngabaholi ngezintonga zazo zobukhosi

nangezindondolo zabo.”

Basuka ehlane, baya eMathana.

19Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBhamothi.

20Basuka eBhamothi, baya esifundeni sakwaMowabi nasesiqongweni iPhisiga, elibheke ezansi ngasehlane.

Ukunqotshwa KukaSihoni No-Ogi

21 U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, wathi:

22 “Ake usivumele sidabule ezweni lakho; asiyukuchezukela emasimini noma ezivinini, futhi asiyukuphuza manzi emithonjeni yakho. Siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size siphume emngceleni wezwe lakho.”

23 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule ezweni lakhe. USihoni waqoqa bonke abantu esifundeni sakhe, waphuma wayohlasela u-Israyeli ehlane. Wafika eJahazi, walwa no-Israyeli.

24 Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.

25 U-Israyeli wayidla yonke leyo mizi; wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshibhoni nasemizini yonke yalo.

26IHeshibhoni kwakungumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayewuthathe enkosini endala yakwaMowabi, wadla lonke izwe lakhe kwaze kwayofika e-Arinoni.

27Kungakho abakhuluma ngezaga bethi:

“Wozani eHeshibhoni lakhiwe kabusha;

umuzi kaSihoni mawuvuselelwe,

28 ngokuba kwaqubuka umlilo eHeshibhoni,

kwalavuka amalangabi emzini kaSihoni,

alishaya aliqothula i-Ari lakwaMowabi,

nezakhamuzi zasezindaweni eziphakeme e-Arinoni.

29 Maye kuwe, Mowabi!

Nibhubhile nina bantu bakaKhemoshi.

Wenze amadodana akhe aba ngabakhoseli,

amadodakazi akhe aba ngabathunjwa

benkosi yama-Amori, uSihoni.

30“Sibacibe ngemicibisholo;

iHeshibhoni siyibhubhisile

saze sayofinyelela eDibhoni.

Sibabhubhise saze sayofika eNofa

elendlalekele eMedeba.”

31Wahlala kanjalo-ke u-Israyeli ezweni lama-Amori.

32 UMose wathumela izinhloli ukuhlola iJazeri, balidla, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori ayelapho.

33 Baphenduka, balibhekisa ngaseBhashani. U-Ogi inkosi yaseBhashani waphuma, wabahlasela yena nabo bonke abantu bakhe, balwa nabo empini yase-Edireyi.

34USimakade wathi kuMose: “Ungamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho nabantu bakhe bonke nezwe lakhe. Uyokwenza kuye njengalokhu wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.”

35Bambulala yena namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, kwangasala muntu; balidla izwe lakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help