U-Amose 8 - IsiZulu 2020

Umbono Wesine: Iqoma Lezithelo Zasehlobo

1INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, ngabona iqoma linezithelo zasehlobo.

2Yathi kimi: “Amose, ubonani na?”

Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.”

USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.

3Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.

Ububi Nokungethembeki Kwabahwebi Nokucindezelwa Kwabampofu

4Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo,

niqede nya abasweleyo bezwe,

5nithi:

“Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga

ukuze sithengise ngokusanhlamvu,

kudlule nesabatha

ukuze sithengise ngokolo na?

Senze i-efa libe lincane,

neshekeli libe likhulu,

senze nezilinganiso zenkohliso,

6ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva

nabantulayo ngezimbadada,

sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.”

7USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.

8“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho,

balile bonke abahlala kuwo na?

Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula,

uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.

9“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini,

ngenze kube mnyama emhlabeni

emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.

10“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala,

namaculo enu wonke abe yisililo,

ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu

ngendwangu eyisaka,

ngenze amakhanda abe zimpandla,

kube njengokulilela indodana eyodwa,

ukuphela kwalokho

kuyakufana nosuku olunomunyu.”

Indlala Yezwi LikaNkulunkulu

11“Niyabona-ke, ziyeza izinsuku,

lapho ngiyakuthumela indlala ezweni,

hhayi indlala yesinkwa,

hhayi eyokomela amanzi,

kodwa indlala yokuzwa amazwi kaSimakade,” kusho uSimakade.

12“Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle,

behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga,

bazulazule befuna izwi likaSimakade,

kodwa abayukulifumana.

13“Ngalolo lusuku izintombi ezinhle

nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma.

14Labo abafunga icala laseSamariya, bathi:

‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’

nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’

bayakuwa, bangaphinde bavuke.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help