AMahubo 139 - IsiZulu 2020

USimakade Uyakwazi Konke, Ukhona Ezindaweni ZonkeKumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo

1Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi.

2Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami,

uqonda umcabango wami ukude.

3Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami,

uzazi zonke izindlela zami.

4Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi

ngomlomo wami,

Wena Simakade usuke usukwazi konke.

5Ungizungeze ngemuva nangaphambili,

wabeka isandla sakho phezu kwami.

6Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa,

kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7Ngiyakuya kuphi,

ngisuke eMoyeni wakho na?

Ngiyakubalekelaphi,

ngisuke phambi kwakho na?

8Uma ngikhuphukela ezulwini,

Wena ulapho;

uma ngendlala icansi lami

endaweni yabafileyo,

nangu Wena.

9Uma ngithatha amaphiko okusa,

ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10nalapho isandla sakho siyakungihola,

esokunene sakho singibambe.

11Uma bengithi:

“Ubumnyama mabungehlele,

ukukhanya kube ngubusuku kimi,”

12ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe,

ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,

ubumnyama bufane nokukhanya.

13NguWena owenza izinso zami,

wangiphica ngisesesibelethweni sikamame.

14Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa

ngokwesabekayo nangokumangalisayo;

imisebenzi yakho iyamangalisa,

umphefumulo wami ukwazi kahle.

15Amathambo ami ayengafihlekile kuwe

lapho ngenziwa ekusithekeni,

ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

16Amehlo akho angibona ngiseyihlule,

zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,

zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;

bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18Uma bengiyakuyibala,

miningi kunesihlabathi;

lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

19Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu,

ngalokho-ke sukani kimi,

nina bachithi begazi.

20Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe,

zihlambalaza igama lakho.

21Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na?

Anginengwa yini ngabakuvukelayo na?

22Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo,

bayizitha kimi.

23Ngihlole, Nkulunkulu,

uyazi inhliziyo yami;

ngilinge, uyazi imicabango yami,

24ubone ukuthi kukhona yini okubi

ngaphakathi kwami,

ungiholele endleleni yaphakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help