U-Izaya 3 - IsiZulu 2020

Incithakalo Nendlala

1Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla

iyakususa eJerusalema nakwaJuda

konke abaphila ngakho,

konke ukudla namanzi:

2amaqhawe namadoda empi,

abehluleli nabaphrofethi,

ababhuli namalunga,

3izinduna zamashumi ayisihlanu

nabantu abanodumo,

abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,

nabanolwazi lokulumba.

4Ngiyobeka abafana babe yizikhulu zabo;

izingane zibabuse.

5Abantu bayocindezelana;

yilowo nalowo acindezele omunye,

kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe;

izingane ziyokwedelela abadala,

nabantukazana badelele izikhulu.

6Umuntu uyobamba umfowabo

abavela ndlini yinye kayise, athi:

“Wena unengubo,

yiba ngumbusi wethu,

le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho.”

7Ngalolo lusuku uyodazuluka, athi:

“Angiyukuba ngumelaphi,

ngokuba akukho sinkwa nangubo

endlini yami;

ningangibeki umbusi wabantu.”

8IJerusalema likhubekile, noJuda uwile,

ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade,

kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.

9Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo;

izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli.

Maye kubo!

Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.

10Tshelani abalungileyo

ukuthi kuyobahambela kahle,

ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.

11Maye komubi!

Kuzomhambela kabi,

ngokuba kuyakwenziwa kuye

lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.

12Abantu bami bacindezelwa yizingane,

babuswa ngabesifazane.

Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa;

baphambanisa indlela eniziphatha ngayo.

13USimakade umele isikhundla sakhe,

ukuthetha icala, ehlulela izizwe.

14USimakade uze ukuzokwehlulela

ekanye namalunga abantu bakhe

nabaholi babo, uthi:

“Yini eniqede isivini,

nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.

15Nibachobozeleni abantu bami,

nafihliza ubuso babampofu na?”

kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.

Ukulahlwa Kwamadodakazi AseZiyoni

16USimakade wathi:

“Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni,

ahamba elule izintamo,

ecwayizisa amehlo,

eshayela phezulu,

ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;

17ngenxa yalokho,

iNkosi iyozenza izimpandla

izinkakhayi zamadodakazi aseZiyoni;

uSimakade uyowashiya eyizingengelezi.”

18Ngalolo lusuku iNkosi iyosusa imihlobiso yawo: izigqizo, imiqhele, izimbedu ezinjengenyanga,

19iziqhaza, amasongo, izimvakazi,

20izigqoko, imihlobiso yemilenze, izibhamba, imifuma, iziqu,

21izindandatho, amacici asemakhaleni,

22izembatho zemikhosi, nezangaphezulu, amatshali, izinqalathi,

23izibuko, ilineni elicolekileyo, imishuqulo, nezilwembu zokuhlonipha.

24Esikhundleni samakha, kuyoba ngukubola;

nasesikhundleni sebhande, kube yintambo;

esikhundleni sezinwele

ezilungiswe kahle, kube yimpandla;

nasesikhundleni sesidiya,

kube yisibhamba sendwangu eyisaka;

nasesikhundleni sobuhle, kube yisishada.

25Amadoda akho ayokuwa ngenkemba

namaqhawe akini asale empini.

26Amasango alo ayokhala, alile;

liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help