UZakhariya 9 - IsiZulu 2020

Ukujeziswa Kwezizwe Ezakhelene No-Israyeli

1Isiphrofetho sezwi likaSimakade elimelene nezwe lakwaHadirakhi. Liyakuhlala nakulo iDamaseku, ngokuba amehlo abantu nawezizwe zonke zakwa-Israyeli abheke kuSimakade,

2limelene neHamathi elingumngcele kulo, neThire nesiSidoni, ngokuba kuhlakaniphe ngokwedlulele.

3IThire lazakhela inqaba,

lanqwabela isiliva njengothuli,

negolide elicolekileyo njengodaka emigwaqweni.

4Uyabona, iNkosi iyakuwuthatha kulo

umcebo walo,

iwuphonse olwandle,

lona lingqongqiswe ngomlilo.

5I-Ashikeloni liyakukubona lokho, lesabe,

iGaza liyobayobe kakhulu

ezinhlungwini kanye ne-Ekhroni,

ngokuba ithemba lalo liyakuphela,

inkosi ishabalale eGaza,

kungahlali muntu e-Ashikeloni.

6E-Ashidodi kuyakuhlala izinhlanga ezahlukeneyo.

Ngiyakukuqeda nya ukuzigqaja kwamaFilisti.

7Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,

nokunyanyekayo emazinyweni abo,

nabo bayakuba yinsali kuNkulunkulu wethu,

babe ngababusi kwaJuda

nase-Ekhroni njengamaJebusi.

8Ngiyakuyivikela indlu yami,

ukuze kungabi bikho mabutho

adlulayo nabuyayo;

akusayukudlula mcindezeli kubo,

ngokuba manje sengizibonele ngawami amehlo.

Uyeza UMesiya INkosi YaseZiyoni

9Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni,

hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema.

Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe,

ilungile, inqobile, ithobekile,

igibele imbongolo,

ithole, inkonyane yembongolokazi.

10Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi,

nehhashi eJerusalema,

ngisuse nomnsalo wempi.

Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni,

ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle

kuze kufike olwandle,

kusukele emfuleni

kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba.

11Kodwa wena-ke,

ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe,

ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo

emgodini ongenamanzi.

12Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba.

Ngiyanitshela namhlanje

ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu

ngokuphindwe kabili.

13Ngokuba ngizonweba uJuda njengomnsalo,

u-Efrayimi abe njengomcibisholo.

Ngiyakwenza amadodana akho Ziyoni

avukele amadodana akho Javani.

Ngikwenze ube njengenkemba yeqhawe.

14USimakade uyakubonakala phezu kwabo,

umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi.

INkosi uSimakade iyakushaya impalampala.

Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.

15USimakade Wamabandla uyakubavikela,

bayakudla, banyathele amatshe endwayimane.

Bayakuphuza igazi labo njengewayini,

bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele,

nanjengamakhona e-althare.

16USimakade uNkulunkulu wabo

uyakubahlenga ngalolo lusuku,

njengomhlambi wabantu bakhe,

ngokuba bangamatshe omqhele

amenyezela phezu kwezwe lakhe.

17Laze labusiseka bo!

Yeka ubuhle balo!

Okusanhlamvu newayini kuyokwenza

izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help