IZaga 15 - IsiZulu 2020

Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (6)

1 Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka,

kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.

2 Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle,

kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.

3 Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke,

aqapha abahle nababi.

4Ulimi oluphilisayo lungumuthi wokuphila,

kepha olobuqili luyawephula umoya.

5 Isiwula siyakwedelela ukuyala kukayise,

kepha onaka ukusolwa uhlakaniphile.

6 Indlu yolungileyo igcwele ingcebo eningi,

kepha enzuzweni yezikhohlakali

kukhona ukuhlupheka.

7Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi,

kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.

8 Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade,

kodwa umkhuleko wabaqotho

uyintokozo kuye.

9 Indlela yezikhohlakali iyisinengiso kuSimakade,

kepha uyamthanda olandela ukulunga.

10Kunesijeziso esibuhlungu kulowo oshiya indlela;

lowo ozonda ukusolwa uyakufa.

11 Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaSimakade;

kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu na?

12 Isedeleli asimfuni ozosisola,

asiyi kwabahlakaniphileyo.

13 Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso buchachambe,

kodwa ngosizi olusenhliziyweni umoya uyephuka.

14 Inhliziyo ecubungulayo ifuna ulwazi,

kodwa umlomo weziwula udla ubuwula.

15Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,

kepha onhliziyo yenamile

uhlala enedili elingapheli.

16 Okuncane nje kanye nokumesaba uSimakade,

kungcono kunengcebo eningi

ehambisana nokukhathazeka okuningi.

17 Isidlo esinengxenyana yemifino

lapho kukhona uthando khona,

singcono kunesenkabi ekhuluphalisiweyo

lapho kugcwele inzondo khona.

18 Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu,

kodwa owephuzayo ukuthukuthela

udambisa ingxabano.

19Indlela yevila injengothango lwameva,

kodwa umkhondo wabakhutheleyo

unjengomgwaqo ohlelembelekile.

20 Indodana ehlakaniphile iyamthokozisa uyise,

kodwa umuntu oyisiwula

uyamedelela unina.

21 Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,

kepha umuntu onokuqonda

uyakuqondisa ukuhamba kwakhe.

22 Lapho kungekho khona ukwelulekana,

amasu ayabhuntsha,

kodwa uma bebaningi abeluleki ayaphumelela.

23 Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe,

nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo

lihle kakhulu.

24 Indlela yokuphila

imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo,

ukuba angayi endaweni yabafileyo.

25 USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo,

kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.

26Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade,

kepha amazwi amnene ayamenamisa.

27 Othola inzuzo ngokungafanele

uhlupha umndeni wakhe,

kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.

28 Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,

kepha imilomo yezikhohlakali

iphafuza izinto ezimbi.

29 USimakade ukude nezikhohlakali,

kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.

30Ubuso obuchachambileyo buyayithokozisa inhliziyo,

nezindaba ezinhle ziletha impilo emathanjeni.

31Indlebe elalela ukusolwa okuphilisayo

iyakuhlala nabahlakaniphileyo.

32 Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena,

kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.

33 Ukwesaba uSimakade kungumyalo wokuhlakanipha,

nokuthobeka kwendulela udumo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help