AMahubo 147 - IsiZulu 2020

Ubumnandi Bokudumisa USimakade Ngomusa Wakhe

1Haleluya!

Kumnandi kakhulu ukuhlabelelela uNkulunkulu wethu,

ngokuba unomusa,

indumiso imfanele.

2USimakade wakha iJerusalema,

uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe.

3Welapha abanhliziyo zephukile,

abophe izilonda zabo.

4Ubala inani lezinkanyezi,

azibize zonke ngamagama.

5INkosi yethu inkulu,

makhulu amandla ayo;

ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.

6USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo,

izikhohlakali uziqumba phansi.

7Hubelani uSimakade ngokubonga,

nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,

8osibekela izulu ngamafu,

olungisela umhlaba imvula,

ohlumisa utshani ezintabeni.

9Unika izinkomo ukudla kwazo,

namazinyane egwababa akhalayo.

10Akathokozi ngamandla ehhashi,

akajatshuliswa yijubane lomuntu.

11USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo,

labo abathembela emuseni wakhe.

12Jerusalema, mbabaze uSimakade,

Ziyoni, mdumise uNkulunkulu wakho,

13ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile,

ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho.

14Wenza kube nokuthula emingceleni yakho,

akusuthise ngokolo.

15Uthumela umyalo wakhe emhlabeni,

izwi lakhe ligijima ngesikhulu isivinini.

16Wendlala iqhwa njengoboya,

asakaze isithwathwa njengomlotha.

17Wehlisa isichotho njengezinhlamvu;

ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18Usho ngezwi, kuncibilike;

wenza umoya uphephethe,

amanzi ageleze.

19Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe,

izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.

20Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso,

azizazi izehlulelo zakhe.

Haleluya!

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help