UJobe 11 - IsiZulu 2020

Inkulumo Yokuqala KaZofariNgokungazi Kwakhe UJobe Akakuqondi Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu

1Wayesethatha uZofari waseNahama, wathi:

2 “Ngabe awayukuphendulwa yini

amazwi amaningi kangaka na?

Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?

3 Ukuqavitha kwakho

kufanele kubathulise

yini abantu na?

Nalapho ukloloda,

akekho yini ongakuthela ngehlazo na?

4 Ngokuba uthe:

‘Ukufundisa kwami kulungile;

ngimsulwa emehlweni akho Nkulunkulu.’

5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,

akuvulele izindebe zakhe,

6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe,

ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi,

ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza

ukhohlwe yingxenye yecala lakho,

ukuze kube kuhle kuwe.

7 “Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na?

Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?

8 Kuphakeme kunezulu, ungenzani na?

Kujulile kunendawo yabafileyo,

ungazini ngakho na?

9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,

sibanzi kunolwandle.

10 Uma edlula, avalele,

abizele ekwehluleleni,

ngubani ongamvimba na?

11 Ngokuba uyabazi abantu bamanga,

lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?

12 Uma umuntu ongahlakaniphile

engaba ngohlakaniphileyo,

nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.

13 “Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho,

welulela izandla zakho kuye,

14 uma udedisele kude inkohlakalo esesandleni sakho,

ungakuhlalisi ukungalungi emathendeni akho,

15 impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,

uyokuma uqine, ungenakwesaba.

16 Uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,

uyakukukhumbula njengamanzi adlulileyo.

17 Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini;

nobumnyama buyofana nokusa nje.

18Uyoba ngophephile,

ngokuba likhona ithemba,

uyovikeleka kahle,

ulale phansi uphephile.

19 Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo;

abaningi bayakuzincengela kuwe.

20 Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala;

ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela;

ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help