AMahubo 99 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu UngoNgcwele

1USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele,

uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.

2USimakade mkhulu eZiyoni,

uphakeme phezu kwezizwe zonke.

3Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo;

ungcwele Yena.

4Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo,

uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa

nokulunga kwaJakobe.

5Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu,

nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe;

ungcwele Yena.

6UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe,

uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe.

Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.

7Wakhuluma kubo esensikeni yefu,

bagcina ubufakazi bakhe

nezimiso abanika zona.

8Simakade Nkulunkulu wethu,

Wena wabaphendula,

waba nguNkulunkulu othethelelayo kubo,

nophindiselayo ngezenzo zabo.

9Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu,

nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele,

ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help