UJobe 25 - IsiZulu 2020

Inkulumo Yesithathu KaBhilidadi

1Kwase kuphendula uBhilidadi, umShuhi, wathi:

2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye,

nguye owenza ukuthula

ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3 Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na?

Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?

4 Pho umuntu angaba

kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu,

nozelwe ngowesifazane,

abe ngohlanzekileyo na?

5 Bheka, inyanga ayinankazimulo,

nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.

6 Kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu nje,

nendodana yomuntu eyisibungu na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help