AMahubo 36 - IsiZulu 2020

Ukonakala Komuntu Nomusa KaSimakadeKumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaSimakade

1Isiphambeko sithi komubi,

ekujuleni kwenhliziyo yaso:

“Akukho ukwesaba uNkulunkulu

phambi kwamehlo akhe.”

2Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamyenga,

ukuze kungafunyanwa okumenza azondwe.

3Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso,

ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.

4Ulele ecansini, uceba ububi,

uzimisele ngendlela engalungile,

akakwenyanyi okubi.

5Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini,

ukwethembeka kwakho kufika emafwini.

6Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu,

ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile.

Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.

7Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu!

Bonke abantu baphephela

phansi komthunzi wamaphiko akho.

8Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho,

ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.

9Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe,

ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho.

10Mawuqhubeke njalo umusa wakho

kulabo abakwaziyo,

nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.

11Unyawo lozidlayo lungifihlize,

noma isandla somubi singixoshe.

12Bheka, abenzi bobubi bawile,

baqunjwe phansi, abaseyukuvuka.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help