1Haleluya!
Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade,
othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.
2Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni,
isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
3Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe,
ukulunga kwakhe kumi phakade.
4Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo:
Yena unomusa, nobubele nokulunga.
5Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa,
izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.
6Akayukunyakaziswa kuze kube phakade,
olungileyo uyohlala ekhunjulwa
kuze kube phakade.
7Akayesabi imibiko emibi,
inhliziyo yakhe ayiguquki,
yethemba uSimakade.
8Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi,
aze abone izitha zakhe zinqotshwa.
9Ubapha ngesihle abantulayo,
ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade,
amandla akhe ayophakama ngodumo.
10Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke,
siququde imihlathi, sidangale;
isifiso sababi siyobhuntsha.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.