1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ”
3U-Aroni wenza kanjalo, wabeka izibani zalo ukuze zikhanyise phambi kothi lwezibani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
4 Uthi lwezibani lwalwakhiwe ngegolide elicangcathiweyo, kusukela esinqeni salo kuya ezimbalini zalo. Lalifana nse nomfanekiso uSimakade awubonisa uMose; walwenza kanjalo uthi lwezibani.
Ukuhlanjululwa KwabaLevi Nokwahlukaniselwa USimakade5USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
6“Thatha abaLevi kubantu bakwa-Israyeli, ubahlambulule.
7 Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule.
8 Bayothatha iduna nomnikelo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. Uyothatha iduna lesibili libe ngumnikelo wesono.
9Uyobaletha abaLevi phambi kwethende lokuhlangana, uqoqe yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli.
10Uyosondeza abaLevi phambi kukaSimakade, abantu bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamakhanda abo.
11 U-Aroni uyobaletha abaLevi phambi kukaSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa ovela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi kaSimakade.
12“AbaLevi bayobeka izandla zabo ezinhlokweni zamaduna, wena unikele ngelinye lawo libe ngumnikelo wesono, nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade, ubenzele abaLevi ukubuyisana.
13“AbaLevi uyakubabeka phambi kuka-Aroni namadodana akhe, unikele ngabo kuSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa.
14 AbaLevi uyobehlukanisa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, abaLevi bayoba ngabami.
15“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa.
16 Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami.
17 Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.
18Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli.
19 AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”
20UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
21 AbaLevi bazihlambulula, bahlanza nezingubo zabo. U-Aroni wayesebaletha njengomnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade, ukuze u-Aroni abenzele ukubuyisana, abahlambulule.
22Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.
23USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
24 “Nanku umsebenzi wabaLevi: kusukela kwabaneminyaka engama-25 kuya phezulu, kwabayongena ukwenza umsebenzi wenkonzo ethendeni lokuhlangana.
25Kusukela kwabaneminyaka engama-50 bayoyeka ukwenza umsebenzi wenkonzo, abasayukuphinde bawenze futhi.
26Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.