UJeremiya 15 - IsiZulu 2020

Izinhlobo Ezine Zokujezisa AbakwaJuda

1USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.

2Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi:

“ ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa;

abanqunyelwe inkemba, inkemba;

nabendlala, indlala;

nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’

3“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.

4Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.

5“Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na?

Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na?

Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?

6Wena ungishiyile,” kusho uSimakade,

“wabuyela emuva;

ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa,

ngikhathele ukukuhawukela.

7Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,

ngabephuca izingane,

ngabhubhisa abantu bami,

kodwa abaphendukanga ezindleleni zabo.

8Abafelokazi babo baningi kimi

kunesihlabathi solwandle;

ngehlisele phezu kwawonina

bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha,

ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha,

ukwesaba nengebhe.

9Owazala abayisikhombisa usedangele,

uyakhefuzela efuna umoya;

ilanga limshonele emini;

unamahloni, uyayangaza.

Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni,

phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.

Ukuzikhalela KukaJeremiya

10Maye, maye kimi

lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana,

nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke!

Angebolekanga lutho

futhi angebolekwanga lutho;

nokho bonke bayangiqalekisa.

11USimakade, wathi:

“Ngiyakukukhulula kube kuhle;

impela isitha ngisenze sikunxuse

ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.

12“Insimbi ingephuka yini,

insimbi evela enyakatho, nethusi na?

13Ngiyakunikela ngemfuyo yakho

nangengcebo yakho, kube yimpango;

ungakhokhelwa lutho ngakho,

ngenxa yazo zonke izono zakho

kuzo zonke izifunda zakho.

14Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho

ezweni ongalaziyo,

ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami;

uyakunishisa.”

15Simakade, Wena uyazi;

ngikhumbule, unginake,

ungiphindiselele kwabangizingelayo;

ungangisusi ngenxa yolaka lwakho,

yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

16Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;

amazwi akho aba ngukujabula kimi,

nokuthokoza kwenhliziyo yami,

ngokuba ngibizwa ngegama lakho,

Simakade Nkulunkulu Wamabandla.

17Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,

futhi angizange ngithokoze;

ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima

besandla sakho,

ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.

18Kungani ubuhlungu bami bungapheli,

nenxeba lami lingelapheki na?

Liyala ukuphola;

impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo,

nanjengamanzi angethembekile.

19Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi:

“Uma uphenduka, ngiyakukwemukela,

uyakuma phambi kwami.

Uma uveza okuyigugu

phakathi kokungenamsebenzi,

uyakuba ngumlomo wami.

Yibo abazobuyela kuwe,

akusiwena ozophendukela kubo.

20Ngiyakukwenza ukuba

ube lugange lwethusi kulaba bantu;

bayakulwa nawe,

kepha abayukukwahlula,

ngokuba Mina nginawe

ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.

21“Ngiyakukukhulula esandleni sababi,

ngikuhlenge esandleni sabanonya.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help