IGenesisi 9 - IsiZulu 2020

Isivumelwano SikaNkulunkulu NoNowa

1 UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba.

2Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.

3 Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.

4 Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.

5 Maqondana negazi lenu okukulo ukuphila, ngiyakuliphindiselela kuzo zonke izilwane ngisho noma nibulalane nodwa.

6 “Ochitha igazi lomuntu,

nelakhe liyochithwa ngumuntu,

ngokuba umuntu

wadalwa nguNkulunkulu,

wamenza wafana naye.

7 Kepha nina zalanani nande,

nigcwalise umhlaba,

nande kuwo.”

8UNkulunkulu wathi kuNowa nakumadodana akhe ayenaye:

9 “Bhekani, ngenza isivumelwano phakathi kwami nani, nezizukulwane zenu,

10nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.

11 Lesi yisivumelwano sami nani engithi ngaso: angisayukuphinde ngibhubhise yonke into ephilayo ngozamcolo. Akusayukuphinde kube khona uzamcolo ukuba ubhubhise umhlaba.”

12 UNkulunkulu wayesethi:

“Lokhu kuluphawu lwesivumelwano

engisenza phakathi kwami nani

nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani,

nazo zonke izizukulwane ezisazozalwa:

13 Uthingo lwenkosazana ngilubeke emafini,

ukuze lube wuphawu lwesivumelwano

phakathi kwami nomhlaba.

14Kuyothi lapho ngiwusibekela umhlaba ngamafu,

kuvele uthingo lwenkosazana emafini,

15 bese ngikhumbula isivumelwano sami

phakathi kwami nani

nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo.

Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo

wokucekela phansi konke okuphilayo.

16Kuyothi njalo uma kuvela

uthingo lwenkosazana emafini,

ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano

saphakade esikhona

phakathi kwami nezilwane zonke

eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”

17UNkulunkulu wayesethi kuNowa: “Lokho kuluphawu lwesivumelwano sami engisenze phakathi kwami nabo bonke abantu emhlabeni.”

Amazwi KaNowa Kumadodana Akhe

18 Amadodana kaNowa, uShemu, uHamu, noJafethi aphuma emkhunjini. UHamu wayenguyise kaKhanani.

19 Kulawa madodana kaNowa amathathu kwavela kuwo abantu abasabalala nomhlaba wonke.

20UNowa owayengumlimi, waba ngowokuqala ukutshala isivini.

21 Kuthe esephuze iwayini, lamdaka walala enqunu ethendeni lakhe.

22UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, waxoxela abafowabo ababengaphandle.

23UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise.

24Kwathi lapho selidamukile iwayini kuNowa, wezwa ukuthi indodana yakhe encane yenzeni kuye,

25 wayesethi:

“Uqalekisiwe uKhanani!

Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.”

26 Wabuye wathi futhi:

“Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu,

uKhanani makabe yisigqila sikaShemu.

27UNkulunkulu makamnike indawo ebanzi uJafethi,

ahlale emathendeni kaShemu,

uKhanani abe yisigqila sabo.”

Ukufa KukaNowa

28Emva kukazamcolo uNowa waphila iminyaka engama-350.

29Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguNowa yaba ngama-950, wayesefa.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help