UHoziya 14 - IsiZulu 2020

U-Israyeli Makaphenduke Abuyele KuSimakade

1Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho,

ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.

2Thathani amazwi,

nibuyele kuSimakade,

nithi kuye:

“Thethelela zonke iziphambeko,

uthathe amazwi ethu,

ukuze sinikele ngemilomo yethu

ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.

3I-Asiriya aliyukusisindisa,

ngeke siwagibele amahhashi,

asisayukusho futhi kuyo

imisebenzi yezandla zethu

ukuthi onkulunkulu bethu,

ngokuba nguwe ohawukela intandane.”

USimakade Wethembisa U-Israyeli Impilo Entsha

4Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo,

ngibathande ngokukhululeka,

ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.

5Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli,

uyakuqhakaza njengomnduze,

agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.

6Amahlumela akhe ayokwenaba,

ubuhle bakhe bube njengomnqumo,

iphunga lakhe liyakuba njengemisedari yaseLebhanoni.

7Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe,

bachume njengokusanhlamvu,

baqhakaze njengomvini,

udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni.

8U-Efrayimi uyakuthi:

“Zizongenzelani nje izithombe ezibaziweyo na?

Mina ngiyakuphendula,

ngimnakekele.

Mina nginjengomsayiphuresi oluhlaza,

izithelo zakho zifunyanwa kimi.”

9Ngubani ohlakaniphileyo na?

Uyakuziqonda lezi zinto.

Ngubani onengqondo na?

Uyakuzazi lezi zinto.

Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile;

abalungileyo bahamba ngazo,

kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help