1Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.
2Wathi:
“USimakade uyabhonga eZiyoni,
azwakalise izwi lakhe eJerusalema.
Amadlelo abelusi ayagagadeka,
nesicongo seKharmeli siyabuna.”
Ukujeziswa KwezizweU-Amo. 1:3 – 2:16AbaseDamaseku3Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.
4Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo
endlini kaHazayeli,
uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.
5Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku,
ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni,
nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni.
Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.
AbaseGaza6Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo
ukuba babakhaphele ku-Edomi.
7Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza,
uyakungqongqisa izinqaba zalo.
8Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi,
nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni.
Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni,
insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.
AbaseThire9Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo
babakhaphela ku-Edomi,
bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.
10Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire,
uyakungqongqisa izinqaba zalo.”
Abakwa-Edomi11Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,
walahla isihe sakhe,
wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo,
waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.
12Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani,
uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”
Abakwa-Amoni13Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba baqaqe abesifazane
abakhulelweyo bakwaGiliyadi
ukuze bandise imingcele yabo.
14Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha,
uyakungqongqisa izinqaba zalo,
kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi,
nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
15Inkosi yabo iyakuthunjwa,
yona kanye nezikhulu zayo,” kusho uSimakade.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.