AMahubo 53 - IsiZulu 2020

Ukukhala Ngobuwula Nobubi BabantuKumholi wokuhlabelela. NgeMahalathi. IMaskili likaDavide

1Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akekho uNkulunkulu.”

Bonakele, benze izinto ezinengekayo

eziphambene nobulungiswa.

Akukho noyedwa owenza okuhle.

2UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi,

abone amadodana abantu,

ukuze abone ukuthi

ukhona yini onokuqonda,

ofuna uNkulunkulu.

3Bonke baphambukile,

bonke bakhohlakele,

akukho noyedwa owenza okuhle,

akukho noyedwa.

4Abanakwazi yini abenza okubi,

abadla abantu bami

njengalokhu bedla isinkwa,

bengakhuleki kuNkulunkulu na?

5Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo.

UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo.

Wena uzobathela ngehlazo,

ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

6Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni,

lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe;

uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help