U-Izaya 60 - IsiZulu 2020

Inkazimulo Ezayo EZiyoni

1“Vuka ukhanye,

ngokuba ukukhanya kwakho kufikile;

nenkazimulo kaSimakade

iphumele phezu kwakho.

2Ngokuba ubumnyama buyakusibekela umhlaba,

nesigayegaye abantu,

kodwa uSimakade uyakuphuma phezu kwakho,

nenkazimulo yakhe iyobonakala phezu kwakho.

3Izizwe ziyokuza namakhosi ekukhazimuleni

kokuphuma kwakho.

4“Phakamisa amehlo akho,

ubone nxazonke;

bonke bayaqoqana beza kuwe,

amadodana akho ayovela endaweni ekude,

namadodakazi akho ayofika ebelethwe.

5Khona uyakukubona lokho,

uchachambe yinjabulo;

inhliziyo yakho igide, ithokoze,

ngokuba ingcebo yasolwandle iyakulethwa kuwe,

ingcebo yezizwe ize kuwe.

6Ubuningi bamakameli buyakukusibekela,

amakameli asemancane akwaMidiyani nase-Efa;

bonke abaseShebha bayakuza,

bethwele igolide nempepho,

bememezele izindumiso zikaSimakade.

7Yonke imihlambi eKedari iyoqoqelwa kuwe,

nezinqama eNebhayothi ziyakukukhonza,

ziyakukhuphukela e-althare lami

ngokuthanda kwami;

ngiyenze ibe yinhle indlu

yodumo lwami.

8“Ngobani laba abandiza njengefu,

nanjengamajuba eya ezidlekeni zawo na?

9Iziqhingi ziyakungilindela,

imikhumbi yaseTharishishi iyoba ngeyokuqala

ukuletha amadodana akho evela kude,

ephethe isiliva negolide lawo,

ekulethe egameni likaSimakade

uNkulunkulu wakho,

nakoNgcwele ka-Israyeli,

okudumisile.

10“Abezizwe bayakwakha izingange zakho,

amakhosi abo akukhonze;

noma ngakushaya ngentukuthelo yami,

manje sengiyakuhawukela ngomusa wami.

11Amasango akho ayohlala evulekile,

awayukuvalwa imini nobusuku,

ukuze ingcebo yezizwe ilethwe kuwe,

namakhosi azo eqhutshwa.

12Ngokuba isizwe nombuso okungeke

kukukhonze kuyophela;

yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa nya.

13“Inkazimulo yaseLebhanoni iyakuza kuwe,

umsayiphuresi, ishoba nomkhoba

konke kanyekanye,

kuyohlobisa indawo yendlu yami engcwele,

ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

14Amadodana alabo abakuhluphileyo

ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha,

nabo bonke abakwedelelayo

bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho,

bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade

neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

15“Nakuba bewushiyiwe, uzondwa,

kungasekho muntu odabula kuwe;

ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade,

nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

16Uyakuncela ubisi lwezizwe,

uncele emabeleni amakhosi;

uyokwazi ukuthi Mina Simakade

nginguMsindisi wakho,

noMhlengi wakho,

uMninimandla kaJakobe.

17Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide,

esikhundleni sensimbi ngilethe isiliva;

esikhundleni somuthi ngilethe ithusi,

nasesikhundleni samatshe ngilethe insimbi.

Ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho,

nokulunga kube ngababusi bakho.

18Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini,

nencithakalo nokubhubhisa

phakathi kwemingcele yakho,

kodwa izingange zakho

uyozibiza ngokuthi yiNsindiso,

namasango akho ngokuthi yiNdumiso.

19Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini,

nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku;

uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,

uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

20Ilanga lakho alisayukushona,

nenyanga yakho ayisayukufiphala,

ngokuba uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,

nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

21Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo,

badle ifa lezwe kuze kube phakade;

igatsha lokutshala kwami,

umsebenzi wezandla zami,

ukuze ngidunyiswe.

22Ingcosana iyakuba yinkulungwane,

omncane abe yisizwe esinamandla;

Mina nginguSimakade,

ngiyokwenza sisheshe isikhathi sakho.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help