AMahubo 141 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Wocela Ukusizwa Ezilingweni NasezitheniIhubo likaDavide

1Simakade, ngikhala kuwe,

phuthuma uze kimi,

lalela izwi lami

lapho ngikhuleka kuwe.

2Umkhuleko wami mawufane nempepho

phambi kwakho,

nokuphakanyiswa kwezandla zami,

njengomnikelo wakusihlwa.

3Simakade, bekela umlomo wami umlindi,

ugcine umnyango wezindebe zami.

4Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi

ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo

kanye nabantu abenza inkohlakalo,

ngingadli izibiliboco zabo.

5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;

angisole, kungamafutha ekhanda;

ikhanda lami malingawenqabi,

ngokuba umkhuleko wami

umelane nobubi babo.

6Abehluleli babo bayakuphonswa eweni;

bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

7Njengalokhu umuntu elima,

eklaya umhlabathi,

amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni

wendawo yabafileyo.

8Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami,

mina ngiphephela kuwe,

uze ungangishiyi ngingenamvikeli.

9Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo,

nasezihibeni zabenza okubi.

10Ababi mabawele emanetheni abo,

mina ngidlule kuwo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help