UHezekeli 2 - IsiZulu 2020

Ukubizwa KukaHezekeli

1Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”

2Kwathi esakhuluma kimi, kwangena kimi uMoya, wangimisa ngezinyawo, ngamuzwa owayekhuluma kimi.

3Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.

4Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’

5Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo.

6Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

7Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.

8Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

9Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi.

10Wawendlala phambi kwami, wawulotshiwe ngaphandle nangaphakathi. Kuwo kwakubhalwe izililo nokuzila, nokuthi: “Maye!”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help