1Bongani uSimakade, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3Bongani iNkosi yamakhosi,
ngokuba umusa wayo umi phakade;
4yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5owenze izulu ngokuhlakanipha,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6owendlale umhlaba phezu kwamanzi,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7owenza izinkanyiso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8ilanga ukuba libuse emini,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10owabulala amazibulo abaseGibhithe,
amazibulo alo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade,
12ngesandla esinamandla nangezikhwepha,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16owahola abantu bakhe ehlane,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17owashaya amakhosi amakhulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18owabulala amakhosi adumileyo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade:
19uSihoni, inkosi yama-Amori,
ngokuba umusa wakhe umi phakade,
20no-Ogi, inkosi yaseBhashani,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21owabapha izwe labo laba yifa,
ngokuba umusa wakhe umi phakade,
22laba yifa lika-Israyeli, inceku yakhe,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24owasikhulula ezitheni zethu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25opha bonke abantu ukudla,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
26Bongani uNkulunkulu wezulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.