KwabaseKholose 3 - IsiZulu 2020

Ukunaka Okwaphezulu

1 Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

2 nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

3 Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,

4 nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.

5 Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe,

6 okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli;

7 ebeniphila kukho ngesikhathi nisahlezi kulezi zinto.

8 Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu.

9 Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;

10 nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;

11 lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.

12 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;

13 nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo.

14 Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

15 Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo.

16 Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

17 Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.

Ukuphathana Kwabomuzi

18 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.

19 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.

20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.

21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, funa badikibale.

22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu, ngokwemvelo, kungabi ngokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa ngenhliziyo eqotho, nesabe iNkosi.

23Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi nikwenzela iNkosi, hhayi abantu,

24 nazi ukuthi niyakwemukeliswa umvuzo oyifa eNkosini. Khonzani iNkosi uKhristu.

25 Ngokuba lowo owenza okungalungile, uyakuvuna ukungalungi akwenzileyo, ngokuba akukho ukwenzelela kuyo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help