UMikha 3 - IsiZulu 2020

UMikha Usola Abaholi Ababi Bakwa-Israyeli

1Ngathi:

“Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe,

nani baholi bendlu ka-Israyeli.

Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?

2Kodwa nina nizonda okuhle,

nithande okubi,

nebula isikhumba sabo

nibasuse inyama emathanjeni abo.

3Nidle inyama yabantu bami,

nabaxebula isikhumba sabo,

amathambo abo nawaphoqophoqoza,

nabaqobaqobela ebhodweni

nakugalaza njengenyama.”

4Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade,

kodwa akayukubaphendula.

Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi,

ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.

5Usho kanje uSimakade:

“Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami,

abaluma ngamazinyo abo,

bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’

kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo

bavivele ukumthelekela ngempi.

6Ngalokho ubusuku buyakunifikela,

ningaboni mbono,

ningabe nisabhula.

Liyakubashonela ilanga abaphrofethi,

usuku lube mnyama bhuqe kubo.

7Ababonayo bayakuba namahloni,

ababhuli bahlazeke;

bonke bayakubamba amadevu abo,

ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”

8Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade,

ubulungiswa nesibindi,

ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe

no-Israyeli ngesono sakhe.

9Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe,

nani babusi bendlu ka-Israyeli,

enenyanya ubulungiswa

niphambanise konke okulungileyo;

10nina enakha iZiyoni ngokuchitha igazi,

neJerusalema ngokuhlanekezela ubulungiswa.

11Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa,

abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa,

nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva,

bethembele kuSimakade, bethi:

“Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?”

Asiyukwehlelwa yinhlekele.

12Ngakho-ke ngenxa yenu

iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu,

neJerusalema libe yindunduma yencithakalo,

intaba yendlu ibe yizindawo

eziphakemeyo zamahlathi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help