UHoziya 4 - IsiZulu 2020

Icala Lika-IsrayeliUSimakade Umangalela Izakhamuzi Zakwa-Israyeli

1Yizwani izwi likaSimakade

nina bantu bakwa-Israyeli,

ngokuba uSimakade

umangalela izakhamuzi zezwe,

phela akukho kwethembeka,

naqiniso,

nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.

2“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa,

ukubulala, nokweba, nokuphinga,

bayadlebeleka, kugobhoza igazi.

3Ngalokho-ke izwe liyalila,

bonke abahlala kulo bayonda,

nezilwane zasendle,

izinyoni zezulu,

nezinhlanzi zasolwandle kuyashabalala.”

USimakade Uthwesa Abaphristi Icala

4“Makungabi bikho owethwesa omunye icala,

makungabi bikho osola omunye,

ngokuba abantu bakho

bafana nalabo abaphikisana nomphristi.

5Uyokhubeka emini kwabha,

nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku,

ngimbhubhise nonyoko.

6Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi,

njengoba ulwenqabile ulwazi,

nami ngiyenqaba

ukuba ube ngumphristi wami.

Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho,

nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.

7Njengoba banda nje,

kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi.

Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo.

8Badla izono zabantu bami,

balubalubele iziphambeko zabo.

9Kuyakuba kanje kubantu

kanjalo nakumphristi:

ngiyakubajezisa ngenxa yezindlela zabo,

ngibajezise ngezenzo zabo.

10“Bayakudla, kodwa bangasuthi,

bayakufeba, kodwa bangandi,

ngokuba bamshiyile uSimakade,

11bazinikela ekufebeni,

ewayinini, nasewayinini elisha,

okususa ingqondo.

12Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo,

induku yabo ibatshele,

ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,

basuka phansi kukaNkulunkulu wabo

ngenxa yokufeba.

13Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba,

bashise impepho emagqumeni,

phansi kwemi-okhi,

kwemiphophula nemitherebhinte,

ngokuba umthunzi walokho muhle.

Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba,

nomalokazana benu bayaphinga.

14“Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba,

nomalokazana benu lapho bephinga,

ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni,

enze umhlatshelo nezifebe zethempeli,

abantu abangenakuqonda bayakubhubha.

15“Nakuba wena Israyeli ufeba,

uJuda makangabi nacala;

ungayi eGiligali,

ungakhuphukeli eBhethi Aveni,

ungafungi ngokuphila kukaSimakade.

16Ngokuba u-Israyeli unenkani

njengesithole esinenkani;

pho uSimakade angabelusa kanjani

njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na?

17U-Efrayimi uzibandakanye nezithombe,

myeke kanjalo.

18Isiphuzo sabo sesiphelile,

kodwa bayaqhubeka nokufeba,

izikhulu zabo zilithanda kakhulu ihlazo.

19Umoya ubasongile ngamaphiko awo,

bayakujabha ngemihlatshelo yabo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help