U-Izaya 33 - IsiZulu 2020

Ukucela Umusa KuSimakade

1Maye, kuwe mbhubhisi

ongakaze wena ubhujiswe,

nakuwe mkhohlisi

ongakaze yena akhohliswe!

Uma nje sewuqedile ukubhubhisa,

nawe uzobhujiswa;

nalapho uyeke nje ukukhohlisa,

nawe abantu bazokukhohlisa.

2Simakade, yiba nomusa kithi,

thina sikulindile Wena.

Yiba yingalo yethu

enamandla njalo ekuseni,

nomhlengi wethu,

ngesikhathi sokuhlupheka.

3Lapho bezwa umsindo wenhlokomo,

abantu bayabaleka;

ngokuphakama kwakho,

izizwe ziyahlakazeka.

4Impango yakho iyobuthwa

njengalapho kubuthwa isikhonyane,

nanjengesikhonyane sitheleka phezu kwayo.

5USimakade uphakeme,

uhlala kweliphezulu,

uligcwalisile iZiyoni ngobulungiswa nokulunga.

6Uyoba ngukuzinza esikhathini senu,

abe ngukuphelela kokusindiswa,

ukuhlakanipha nokwazi;

ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.

7Lalelani ukukhala kwamaqhawe emigwaqweni,

izithunywa zokuthula zikhala umunyu.

8Kukhala ibhungane emigwaqweni,

izihambi azisabonwa ezindleleni.

Isivumelwano sichithiwe,

imizi kayisanakiwe,

nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.

9Izwe lididekile, lidangele,

iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna,

iSharoni linjengehlane,

iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.

USimakade Wexwayisa Izitha Zakhe

10“Manje sengizovuka” kusho uSimakade;

“manje sengizophakanyiswa,

sengizophakanyiswa impela.

11Niyokhulelwa amakhoba,

nizale amabibi,

ukuphefumula kwenu kuzokuba

ngumlilo ozoqothula nina uqobo.

12Abantu bayosha njengokusha komcako,

nanjengameva agawuliweyo;

bayoshiswa ngomlilo.”

13Yizwani nina enikude engikwenzileyo;

nani eniseduze, vumani amandla ami.

14Izoni eZiyoni ziyesaba,

abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe.

“Ngubani phakathi kwethu

ongahlala nomlilo oqothulayo na?

Ngubani phakathi kwethu

ongahlala namalangabi aphakade na?”

15Yilowo ohamba ngokulunga,

okhuluma okuqotho,

ongayithathi inzuzo ngokungafanele,

ongavumeli izandla zakhe

zamukele imivuzo yobuqili,

ovala izindlebe

ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi,

ovala amehlo akhe angabuboni ububi,

16yena uyohlala endaweni ephakemeyo,

imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe,

uyophiwa isinkwa,

ahlale njalo ethola amanzi.

17Amehlo akho ayoyibona inkosi ebuhleni bayo,

ayobona izwe elendlalekile.

18Umqondo wakho uyocabanga ngovalo, uthi:

“Uphi lona owabalayo na?

Uphi lona owakala intela na?

Uphi owabala imibhoshongo na?”

19Awusayukubuye uzibone izidlova,

abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali,

abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.

20Bheka, iZiyoni

umuzi wemikhosi yethu emisiweyo.

Amehlo akho ayakubona iJerusalema,

indlu yokuthula,

ithende elingenakususwa,

okungekho muntu ongabhongcula

izikhonkwane zalo, nezintambo zalo

akuyukugqashulwa nanini.

21Kodwa lapho uSimakade ebukhosini bakhe,

uyokuba nathi khona

endaweni yemifula ebanzi nemithombo,

lapho kungahambi khona zikebhe ezigwedlwayo,

kungadabuli mikhumbi emikhulu.

22Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu,

uSimakade usishayela imithetho,

uSimakade uyinkosi yethu;

Yena uyokusisindisa.

23Izintambo zakho ziyaxega,

azinakuyiqinisa insika endaweni yayo,

azinakuwugcina useyili wendlalekile.

Lapho impango ephangiweyo iyokwehlukaniswa ngobuningi,

ngisho nezinyonga ziyothola impango.

24Akukho sakhamuzi esiyothi:

“Ngiyagula.”

Abantu abahlala lapho

bayothethelelwa iziphambeko zabo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help