IZaga 14 - IsiZulu 2020

Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (5)

1 Owesifazane ohlakaniphileyo uyayakha indlu yakhe,

kodwa oyisiwula uyibhidliza ngezandla zakhe.

2 Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade,

kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.

3Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya,

kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho,

kepha isivuno esikhulu siba khona

ngenxa yamandla ezinkabi.

5 Ufakazi weqiniso akawaqambi amanga,

kodwa ufakazi wamanga uphafuza inkohliso.

6Isedeleli sifuna ukuhlakanipha kodwa singakutholi,

kanti ulwazi lutholakala kalula koqondayo.

7Suka phambi komuntu oyisiwula,

ngokuba lapho awunakuwathola

amazwi anolwazi.

8 Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe,

kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.

9 Iziwula ziyawudelela umnikelo wecala,

kepha kwabaqotho wemukelekile.

10 Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo,

kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.

11 Indlu yezikhohlakali iyabhujiswa,

kepha ithende labaqotho liyachuma.

12 Kukhona indlela

ebonakala sengathi ilungile kumuntu,

kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13 Noma kuhlekwa inhliziyo inobuhlungu,

ukuphela kwentokozo kulusizi.

14 Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo

wezindlela zakhe,

kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.

15Ongenalwazi ukholwa yikho konke,

kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.

16 Ohlakaniphileyo uyesaba,

futhi uyadeda ebubini,

kodwa isiwula siyaqhosha,

asinaki lutho.

17Umuntu onesififane wenza ubuwula,

nomuntu onamacebo amabi uyazondwa.

18Abangenalwazi badla ifa lobuwula,

kepha abanokuqonda baqheliswa ngolwazi.

19 Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,

nezikhohlakali, emasangweni abalungileyo.

20 Ompofu uyazondwa ngisho ngumakhelwane wakhe,

kepha ocebileyo uthandwa ngabaningi.

21 Owedelela umakhelwane wakhe uyona,

kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.

22 Abaduki yini abaceba okubi na?

Umusa neqiniso kungokwabahlela okuhle.

23 Wonke umshikashika unenzuzo,

kepha amazwi omlomo

abanga ukuswela kuphela.

24 Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,

umgexo weziwula ungubuwula.

25 Ufakazi weqiniso uhlenga imiphefumulo,

kepha ophafuza amanga unenkohliso.

26 Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla;

lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.

27 Ukwesaba uSimakade kungumthombo wokuphila,

ukuze umuntu adede ezingibeni zokufa.

28 Udumo lwenkosi lusebuningini babantu ebabusayo,

kepha ukuswela abantu

kungukubhubha kombusi.

29 Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu,

kepha lowo othukuthela ngokushesha

uphakamisa ubuwula.

30 Ingqondo enokuthula inikeza ukuphila emzimbeni,

kodwa umhawu ukubolisa amathambo.

31 Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,

kodwa onomusa kontulayo

uhlonipha uMenzi wakhe.

32 Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso,

kodwa olungileyo unenqaba

ngisho ekufeni kwakhe.

33Ukuhlakanipha kuhlala enhliziyweni yonokuqonda,

kodwa eziwuleni, akwaziwa.

34Ukulunga kuyasiphakamisa isizwe,

kodwa ukona kuyihlazo kubantu.

35Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo,

kepha intukuthelo yayo

ikulabo abenza okuyihlazo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help