1 IZikhronike 13 - IsiZulu 2020

Umphongolo KaNkulunkulu Ususwa EKiriyathi Jeharimi

1 UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke.

2UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi.

3 Masihambe siyowulanda siwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asizange siwufune ngezinsuku zikaSawule.”

4Ibandla lonke lathi makwenziwe kanjalo, ngokuba lokho kwakuthokozisa kubo bonke abantu.

5 UDavide wambuthela ndawonye wonke u-Israyeli, kusukela eShihori eGibhithe, eLebo, kuze kube seHamathi, ukuba kuyolandwa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeharimi.

6 UDavide wakhuphuka kanye no-Israyeli wonke, baya eBhahala, okungukuthi eKiriyathi Jeharimi kwaJuda, ukuze bakhuphule lapho umphongolo kaNkulunkulu uSimakade ohleli phezu kwamakherubhi, obizwa ngegama lakhe.

7 Bawukhipha umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Abhinadaba, bawukhweza enqoleni entsha eyayishayelwa ngu-Uza no-Ahiyo.

8 UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.

9 Lapho befika esibuyeni sikaKhidoni, izinkabi zashelela, u-Uza wayeselula isandla sakhe ukuba abambe umphongolo.

10 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba wayelulele isandla emphongolweni. Wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

11UDavide wathukuthela ngokuba uSimakade ehlasele u-Uza. Wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiPherezi Uza, kuze kube namuhla.

12UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo lusuku, wathi: “Pho ngingawungenisa kanjani kwami umphongolo kaNkulunkulu na?”

13 UDavide akabange esawuyisa emzini wakhe umphongolo, kodwa wachezuka, wawuyisa endlini ka-Obhedi Edomi, umGithi.

14 Umphongolo kaNkulunkulu wahlala izinyanga ezintathu nabendlu ka-Obhede Edomi, endlini yakhe. USimakade wayibusisa indlu ka-Obhede Edomi nakho konke ayenakho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help