AMahubo 73 - IsiZulu 2020

INCWADI YESITHATHUAMah. 73 – 89Umkhuleko Wowethemba UNkulunkuluIhubo lika-Asafa

1UNkulunkulu umnene impela ku-Israyeli,

kulabo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2Kepha mina izinyawo zami

zicishe zakhubeka,

kwasala kancane

ukuba izinyathelo zami zishibilike.

3Ngaba nomhawu ngabazidlayo,

lapho ngibona ababi bephumelela.

4Ngokuba abanazinhlungu,

kuze kube sekufeni kwabo, bayizitetelegu.

5Abahlupheki njengabanye abantu,

futhi abehlelwa wubhubhane

njengabanye abantu.

6Ngakho-ke ukuqhosha ngumgexo wabo,

indluzula bayembethe njengengubo.

7Amehlo abo aphinqekile ngukunona,

imicabango yenhliziyo iyachichima.

8Baklolodela abanye,

bakhulume okubi, baziqhenye,

bahlongoze ukubacindezela.

9Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini,

ulimi lwabo luhamba emhlabeni.

10Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha,

amanzi amaningi bazimuncela wona.

11Bathi:

“UNkulunkulu wazi kanjani?

Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?”

12Bheka, laba bayizikhohlakali,

bahlala bekhululekile, bandisa imfuyo.

13Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile,

nezandla zami ngazihlamba ngingenacala,

14ngokuba ngahlushwa usuku lonke,

kwasa ngijeziswa.

15Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo,

ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,

kwaba luhlupho emehlweni ami,

17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,

ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

18Impela ubabeka ezindaweni ezibushelelezi,

ubawise babe yincithakalo.

19Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!

Bafa, babhubha benovalo.

20Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,

uyakuwedelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21Kwathi lapho inhliziyo yami iba nomunyu,

nezinso zami zibhokodwa,

22ngaba yisiphukuphuku,

angaze ngazi lutho,

ngaba yisilwane kuwe.

23Kepha mina ngiyakube nginawe njalo,

ungibambile ngesandla sami sokunene.

24Uyakungihola ngesiluleko sakho,

andukuba ungamukele enkazimulweni.

25Nginobani ezulwini na?

Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

26Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela,

nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami

nesabelo sami

kuze kube phakade.

27Ngokuba abakude nawe bayakubhubha,

uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.

28Kepha mina kungilungele

ukusondela kuNkulunkulu,

ngiyenzile iNkosi uSimakade

ibe yisiphephelo sami,

ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help