IZaga 28 - IsiZulu 2020

Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (4)

1 Izikhohlakali zibaleka

noma kungekho ozixoshayo,

kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.

2 Ngenxa yesiphambeko sezwe, linezikhulu eziningi,

kepha ngomuntu onokuqonda nonolwazi liyakuma.

3 Umuntu oswelayo kodwa acindezele abampofu,

unjengemvula ekhukhula ingashiyi kudla.

4 Abalahla umthetho batusa izikhohlakali,

kepha abagcina umthetho balwa nazo.

5 Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa,

kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.

6Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho,

kunocebileyo ohamba ngezindlela ezigwegwile.

7Ogcina umthetho uyindodana ehlakaniphileyo,

kanti ongumngani weziminzi uhlazisa uyise.

8 Owandisa ingcebo ngenzalo nangenzuzo

ethe xaxa,

uyiqoqela onomusa kwabampofu.

9 Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho

nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.

10 Oyengela abaqotho endleleni embi,

nguyena oyokhalakathela emgodini,

kepha abangenasici bayodla ifa elihle.

11Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe,

kodwa ompofu onokuqonda

uyamhlolisisa, ambone.

12 Lapho abaqotho bethokoza,

kuba nodumo olukhulu,

kodwa uma izikhohlakali ziphakama,

abantu bayacasha.

13 Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela,

kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

14 Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,

kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe

uyakuwela ebubini.

15 Umbusi okhohlakele obusa abampofu,

unjengengonyama ebhodlayo

nebhele elihahayo.

16 Umbusi ongenakuqonda ungumcindezeli ononya,

kodwa ozonda inzuzo engalungile

uyophila isikhathi eside.

17 Umuntu osindwa yigazi lomunye,

uyakubaleka kuze kube segodini;

makangasizwa muntu.

18 Ohamba ngobuqotho uzophepha,

kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile

uyokuwa kwenye yazo.

19 Olima insimu yakhe

uyosuthiswa ngukudla,

kepha olandela amayiyane,

uyosutha ubumpofu.

20 Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso,

kepha oceba ngokushesha

akayukuyekwa angajeziswa.

21 Ukwenzelela akukuhle,

kepha ngocezwana nje lwesinkwa

umuntu angenza okubi.

22Umuntu onomona uyashesha ukuceba,

kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.

23 Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa

kunothopha ngolimi lwakhe.

24 Ophanga uyise nonina, ethi:

“Akusiso isiphambeko,”

yena ungumngani wombhubhisi.

25Umuntu ozazisayo udala ingxabano,

kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.

26 Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula,

kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.

27 Opha ompofu akayukuswela,

kepha ositheza amehlo akhe

uyakuba neziqalekiso eziningi.

28 Lapho izikhohlakali zivuka

abantu bayacasha,

kepha ngokubhubha kwazo

abalungileyo bayanda.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help