UHezekeli 8 - IsiZulu 2020

Ukukhonzwa Kwezithombe Ethempelini

1Kwathi ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwayo, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uSimakade sehlela phezu kwami ngilapho.

2Ngabona; bheka, okwakubonakala kunjengomlilo, kusukela kokungathi ukhalo kwehle, kwakunomlilo. Kusukela okhalo kuya kwesingenhla kwakunjengokukhazimula futhi kungathi yinto emenyezelayo.

3Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.

4Kwakukhona lapho inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli eyayifana nengayibona esigodini.

5Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho, ubheke ngasenyakatho.”

Ngawaphakamisa amehlo ami, ngabheka ngasenyakatho; ngabona ngasenyakatho yesango le-althare isithombe salo mhawu sisekungeneni.

6Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubona yini lokhu abakwenzayo; izinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenza lapha, ukuze ngiqhele ngibe kude nendlu yami engcwele na? Kepha usazobuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.”

7Wayesengiyisa esangweni legceke; ngabona kunembobo ogangeni.

8Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake ugqebhule ugange.”

Kwathi ukuba ngilugqebhule ugange, mameshane, kwakukhona umnyango.

9Wayesethi kimi: “Ngena, ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”

10Ngangena, ngabona; kwakunemifanekiso yazo zonke izinto ezinwabuzelayo, nezilwanyana ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli, kudwetshwe odongeni nxazonke.

11Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.

12Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”

13Wabuye wathi: “Uzobuyela uyobona ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.”

14Wayesengiyisa ekungeneni kwesango lendlu kaSimakade, elalingasenyakatho. Kwakukhona lapho abesifazane ababehlezi belilela uThamuzi.

15Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Usazobuyela uyobona izinengiso ezinkulu kunalezi.”

16Wayesengingenisa egcekeni lendlu kaSimakade elaliphakathi; ngasemnyango wethempeli likaSimakade, phakathi komphemegumbi ne-althare, kwakukhona amadoda angama-25 efulathele ithempeli likaSimakade. Ubuso bawo babubheke empumalanga, ekhothamela ngasempumalanga, ekhonza ilanga.

17Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.

18Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help