U-Amose 6 - IsiZulu 2020

Maye Abathi Bavikelekile Futhi Bazibona Bephephile!

1Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni,

nabavikelekile entabeni eSamariya,

izikhulu zesizwe esikhethekileyo,

eya kubo indlu ka-Israyeli!

2Dlulelani eKhaline, nibone;

nisuke lapho niye eHamathi elikhulu,

bese nehlela eGathi lamaFilisti.

Bangcono yini kunale mibuso na?

Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?

3Nina eniluqhelisela kude usuku olubi,

nisondeze isihlalo sobudlova.

4Balala emibhedeni ehlotshiwe

ngophondo lwendlovu,

bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo,

badle amawundlu omhlambi

namathole aphuma esibayeni.

5Bacula amaculo ngohambu,

benze izimfijoli njengoDavide.

6Baphuza iwayini ngezindebe,

bazigcobe ngamafutha ekhethelo,

kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.

7Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi

kwabokuqala kwabathunjwayo,

kuphele ukutamasa kwabanethezekile.

Ukubhujiswa KweSamariya

8INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi:

“Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe,

ngiyazizonda izigodlo zakhe;

ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”

9Kuyakuthi uma kusele amadoda alishumi endlini eyodwa, afe.

10Lapho umalume wakhe emphakamisa nalowo omshisayo endlini, bese umuntu othile athi kophakathi endlini: “Ukhona yini osele nawe endlin na?”

Yena uyakuphendula athi:

“Akekho,” bese ethi: “Thula, ngokuba asinakuliphatha igama likaSimakade.”

11Ngokuba bhekani,

uSimakade ukhipha umyalo,

uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi,

nendlu encane ibe yimfucumfucu.

12Amahhashi angagijima yini emadwaleni na?

Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na?

Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi,

nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,

13Nina enithokoza ngeLo Debhari, nithi:

“Asizithathelanga yini iKharnayimi

ngezikhwepha zethu na?”

14“Niyabona-ke, ngiyakunivusela isizwe

nina ndlu ka-Israyeli,

esiyakunicindezela kusukela ekungeneni eHamathi

kuze kube sesigodini i-Araba,”

kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help