AMahubo 30 - IsiZulu 2020

Ukubonga Kotakulwe EkufeniIhubo lokuvula indlu. ElikaDavide

1Ngiyakuphakamisa Simakade,

ngokuba ungitakulile,

awuvumanga ukuba izitha zami

zithokoze ngami.

2Simakade, Nkulunkulu wami,

ngikhale kuwe ngicela usizo,

wangiphulukisa.

3Simakade ukhulule umoya wami

endaweni yabafileyo,

wangigcina ngiphilile,

angaze ngashona egodini.

4Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe,

nibonge igama lakhe elingcwele.

5Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana,

umusa wakhe umi ingunaphakade.

Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe;

injabulo iqhamuke ekuseni.

6Mina ngathi lapho ngiphumelela:

“Angisoze nganyakaziswa naphakade.”

7Simakade ngomusa wakho,

wangenza nganjengentaba eqinileyo.

Usubufihlile ubuso bakho, ngadangala.

8Ngakhala kuwe Simakade,

nganxusa Nkosi yami, ngathi:

9“Kunanzuzoni ukufa kwami,

lapho ngishona phansi egodini na?

Ngabe uthuli luzokudumisa yini na?

Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?

10Yizwa, Simakade,

ube nomusa kimi;

Simakade yiba ngumsizi wami!”

11Ukulila kwami ukuphendule ijadu,

wangikhumula ingubo yesaka,

wangembathisa injabulo,

12ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi.

Simakade, Nkulunkulu wami,

ngizokubonga kuze kube phakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help