Abehluleli 20 - IsiZulu 2020

U-Israyeli Uzilungiselela Ukuya Empini

1 Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.

2Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.

3Abozalo lukaBhenjamini bezwa ukuthi abantu bakwa-Israyeli bakhuphukele eMizpha. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Sitshele, lobu bubi benzeke kanjani, na?”

4 UmLevi, umyeni wowesifazane owabulawa, waphendula wathi: “Ngafika eGibheya kwaBhenjamini, mina nesancinza sami, ukuba silale khona ngalobo busuku.

5 Izakhamuzi zaseGibheya zangivukela, zazungeza indlu ebusuku. Zaziqonde ukungibulala; zadlwengula isancinza sami saze safa.

6Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.

7Bhekani Israyeli, nonke ngothi lwenu, vezani uvo lwenu, nikhiphe iseluleko khona manje.”

8Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Sonke asiyukuphindela emathendeni ethu, akekho namunye ozakubuyela endlini yakhe.

9Kepha manje yilokhu esizokwenza ngeGibheya: sizokwenza unkatho, sikhuphukele kulo silihlasele.

10Siyothatha amadoda alishumi kwayikhulu kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, nayikhulu kwayinkulungwane, nayinkulungwane kwalishumi lezinkulungwane, ukuba ahlinzeke amabutho ngokudla, azohamba ayophindisela eGibheya kwaBhenjamini ngalobu buwula obuyihlazo ababenzile kwa-Israyeli.”

11Wonke amadoda akwa-Israyeli abuthana ukuze ahlasele umuzi, ehlangene eyimbumba.

12Izizwana zakwa-Israyeli zathuma abantu kuso sonke isizwana sakwaBhenjamini, zathi: “Bubi buni lobu obenziwe phakathi kwenu, na?

13 Manje, lethani lezo zigilamkhuba eziseGibheya ukuze sizibulale, sisuse ububi kwa-Israyeli.”

Kodwa abakwaBhenjamini abafunanga ukulalela abafowabo bakwa-Israyeli.

14AbakwaBhenjamini babuthanela eGibheya bevela emizini, ukuze baphume bayolwa nabakwa-Israyeli.

15 AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700.

16Kuwona wonke lowo mbutho, kwakukhona amadoda angama-700 ayeqokiwe engamanxele wonke, ayekwazi ukunemba ngetshe, angageji.

17Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe.

18 Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?”

USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”

19Abakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bakanisa ngaseGibheya.

20Abakwa-Israyeli baphuma ukuyolwa nabakwaBhenjamini, bama ngezinhla zabo, balwa nabo eGibheya.

21 AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya, babulala ngalolo lusuku abakwa-Israyeli abayizi-22 000.

22Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baqunga isibindi, babuye bayihlela ngezinhla zayo impi lapho babeyihlele khona ngosuku lokuqala.

23 Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?”

USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”

24Abakwa-Israyeli basondela kwabakwaBhenjamini ngosuku lwesibili.

25AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.

26 Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.

27 Abakwa-Israyeli babuza kuSimakade ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku,

28 noFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni, wayemi phambi kwawo ngalezo zinsuku, bathi: “Siphinde yini siphume siyolwa nabafowethu bakwaBhenjamini noma siyeke, na?”

USimakade waphendula wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngizobanikela esandleni senu.”

29 Abakwa-Israyeli babeka amadoda azungeza iGibheya, alilalela unyendle.

30Abakwa-Israyeli base bekhuphuka bayolwa nabakwaBhenjamini ngosuku lwesithathu, bazihlela ngezinhla njengakuqala, balwa neGibheya.

31 Lapho abakwaBhenjamini bephuma ukuyokulwa nabakwa-Israyeli, yabaheha eyakwa-Israyeli ukuba baqhele emzini. AbakwaBhenjamini baqala ukubulala, nokulimaza amabutho, kwasala amadoda angama-30 akwa-Israyeli enkundleni, emigwaqweni, nasendleleni eqonde eBhethele naseGibheya.

32AbakwaBhenjamini bathi: “Bayawa ngenkemba phambi kwethu njengakuqala.”

Kodwa abakwa-Israyeli bona bathi: “Masihlehle, yikhona sizobandonsela kude nomuzi, baye emigwaqweni.”

33 Impi enkulu yakwa-Israyeli yasuka endaweni yayo, yazihlela ngezinhla zayo eBheli Thamari. Ababebalalele unyendle bavumbuka lapho babekhona eGebha.

34Kweza malungana neGibheya amadoda ayizi-10 000 ayekhethwe kuwo wonke u-Israyeli. Impi yayinzima kakhulu, kodwa abakwaBhenjamini babengaboni ukuthi ingakanani inhlekelele eyayizobehlela.

35USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba.

36 AbakwaBhenjamini babona ukuthi sebenqotshiwe.

Abakwa-Israyeli bona babavulela indlela yokubaleka abakwaBhenjamini, ngoba bethemba amabutho ababewabeke ukuba abalalele unyendle ngaseGibheya.

37Amabutho ayebhacile, agijimela eGibheya ngokushesha, ayesewubhubhisa wonke umuzi ngenkemba.

38 Isivumelwano phakathi kwababebhacile nempi yakwa-Israyeli kwakungukuthi lapho bebona isikhatha sentuthu sivela emzini,

39 yonke impi enkulu yakwa-Israyeli iyophenduka ibuyele empini. Kodwa abakwaBhenjamini baqala ukubulala nokulimaza abakwa-Israyeli; kwathi sebebulele amadoda angama-30, bathi: “Impela banqotshiwe phambi kwethu njengasekuqaleni.”

40Kepha lapho isikhatha sentuthu siqala ukukhuphuka sivela emzini, abakwaBhenjamini babheka emuva; bheka, isikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni sivela kuwo wonke umuzi.

41Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.

42 Ngakho-ke babaleka phambi kwabakwa-Israyeli, bemba bembulula belibhekise ngasehlane, kodwa impi yabafica labo ababevela ngasemzini, bababulala phakathi kwayo.

43Babazungeza abakwaBhenjamini nxazonke, babahubha, bababhuqabhuqa ngenkemba kwaze kwaba maqondana neGibheya, ngasempumalanga.

44Kwafa abayizi-18 000 bakwaBhenjamini, bonke kwakungamaqhawe anesibindi.

45 Lapho bephenduka bebalekela ehlane, edwaleni likaRimoni, kwacoboshiswa abayizi-5 000 emigwaqweni emikhulu. Baxoshwa kwaze kwaba seGidomi, kwabulawa izi-2 000 zabo.

46AbakwaBhenjamini ababulawa ngalolo lusuku kwakungamadoda ayizi-25 000 ayehlome ngezinkemba, futhi wonke engamaqhawe.

47Kepha angama-600 aphendukela ngasehlane, abalekela edwaleni likaRimoni, ahlala lapho izinyanga ezine.

48Ngaleso sikhathi, abakwa-Israyeli baphindela emuva, babulala ngenkemba abakwaBhenjamini ababesemzini: abantu, izilwane, nakho konke okwakusele, ngisho nemizi eyayisele bayithungela ngomlilo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help