UHabhakuki 2 - IsiZulu 2020

UHabakuki Ulindele Impendulo

1Ngiyakuma endaweni yami yokulinda,

ngime embhoshongweni,

ngibheke ukuba ngibone

ukuthi uyakukhulumani ngami,

nokuthi ngiyakuphendula

ngithini ngokukhononda kwami.

2USimakade wangiphendula wathi:

“Bhala phansi umbono,

uwenze ucace ezibhebheni

ukuze owufundayo asheshe nawo.

3Ngokuba umbono usalokhu

ungowesikhathi esinqunyiweyo,

uyakushesha ufike esiphethweni,

awuyukukhohlisa;

nakuba uyakubambezeleka, ulinde,

ngokuba impela uyakufika,

awuyukwephuza.

4Bheka, uyazikhukhumeza,

ingaphakathi lakhe aliqotho,

kodwa olungileyo uzakuphila

ngokukholwa kwakhe.

5Impela, iwayini liyakhohlisa,

umuntu ozigqajayo akahlali ekhaya,

owandisa umphimbo wakhe

ufana nendawo yabafileyo;

akaneliswa njengokufa;

uziwolela zonke izizwe,

aziqoqele bonke abantu.

6Abayukukhuza yini isaga ngaye

bampongoloze iculo bebhinqa

benze imfumbe ngaye,

omunye wathi:

“ ‘Maye, kulowo owandisa okungesikho okwakhe,

kuyoze kube nini na? –

lowo ozethwesa umthwalo onzima ngezibambiso!

7Abayukuvuka yini ngokuzumayo

labo abakukhokhela inzuzo,

abayukuvuka bakuthuthumelise,

ube yimpango yabo na?

8Phela wena uziphangile izizwe eziningi,

yonke insali yabantu iyakukuphanga nawe,

ngenxa yokuchitha igazi labantu

nobudlova obenziwe ezweni nasemzini,

nakubo bonke abahleli kuwo.’

9Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe

ngokungalungile inzuzo embi

ukuba abeke isidleke sakhe phezulu

ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!

10Amacebo owenzile athele indlu yakho ngehlazo

ngokubulala abantu abaningi

wenza isono kuwe uqobo.

11Ngokuba amatshe ayakukhala esogangeni,

nomshayo uyakuphendula usophahleni.

12Maye, kowakha umuzi ngokuchitha igazi,

asekele umzana ngobubi!

13Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla,

ukuthi abantu bakhandleke

ukuze banelise umlilo,

nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?

14Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi

inkazimulo kaSimakade,

njengamanzi esibekela ulwadle.

15“Maye, kophuzisa umakhelwane wakhe,

athulule ulaka lwakhe, amdakise,

ukuze abuke ubunqunu bakhe!

16Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka,

uphuze nawe, ubalwe njengongasokile,

indebe yesandla sokunene sikaSimakade

iyakuza kuwe,

ihlazo libe phezu kodumo lwakho.

17Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa,

nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise,

ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu

nendluzula eyenziwe ezweni,

nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.

18Sisiza ngani isithombe,

ngokuba umbazi usibazile,

nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga,

ngokuba osibumbileyo wethembele kuwo

ngokwenza izithombe eziyizimungulu na?

19Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’

athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’

Kungafundisa yini lokhu na?

Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva,

akukho kuphefumula kukho.

20Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele;

thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help