1 Uyephi othandiweyo wakho,
wena omuhle kakhulu
phakathi kwabesifazane na?
Ushonephi othandiweyo wakho
sikufunise?
Intombi:2 Othandiweyo wami
wehlele esivandeni sakhe,
emibhedeni yamakha,
welusele ezivandeni,
ukuze akhe iminduze.
3 Mina ngingowothandiweyo wami,
nothandiweyo wami ungowami.
Welusela phakathi kweminduze.
Insizwa Itusa Ubuhle Bentombi YayoInsizwa:4 Sithandwa sami,
umuhle njengeThirisa,
uyabukeka njengeJerusalema,
uyahlonipheka njengempi.
5 Susa amehlo akho kimi,
ngokuba ayangisanganisa,
izinwele zakho
zifana nomhlambi wezimbuzi
wehla entabeni yakwaGileyadi.
6 Amazinyo akho
afana nomhlambi wezimvukazi
zikhuphuka kade zigezwa,
zinamaphahla, kungekho neyodwa
efelweyo kuzo.
7 Njengocezu lwehananadi,
zinjalo izihlathi zakho
ngale kwemvakazi yakho.
8 Ondlunkulu bangamashumi
ayisithupha,
izancinza zingamashumi
ayisishiyagalombili,
izintombi azinakubalwa.
9 Kodwa ijuba lami,
opheleleyo wami,
munye qhwaba;
uzelwe yedwa kunina,
uyikhethelo lalowo owamzalayo.
Amadodakazi ambona qede
ambize ngobusisiweyo,
ondlunkulu nezancinza
bambona maqede bamhashe.
Abangani:10 Ngubani lo obukeka
njengentathakusa,
omuhle njengenyanga,
okhanya njengelanga,
ohlonipheka njengempi na?
Insizwa:11 Ngehlele esivandeni samantongomane
ukuyobona izithelo eziluhlaza
esihosheni,
nokubona ukuthi
ngabe umvini usuqhakazile
namahananadi asekhahlele.
12Ngingazelele nje ukulangazelela kwami
kwangibeka ezinqoleni zempi,
zabantu benkosana yami.
Abangani:13 Buya, buya mShulami!
Buya, buya ukuze sikubuke!
Insizwa:Yini enizoyibona
kumShulami na?
Kunjengokusina phakathi
kwamaqembu amabili.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.