UJeremiya 5 - IsiZulu 2020

Akukho Namunye Owenza Ubulungiswa EJerusalema

1“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema,

nibheke nxazonke,

niqaphele,

nicinge ezigcawini zalo,

uma niyofumana umuntu abe munye vo

owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso;

khona ngiyolithethelela.

2Noma bangathi:

‘Sifunga phambi kukaSimakade,’

nokho bafunga amanga.”

3Simakade, kanti amehlo akho

awafuni lona yini iqiniso na?

Ubashayile, kodwa abadabukanga,

ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa;

ubuso babo babenze balukhuni

ukwedlula itshe,

benqaba ukuphenduka.

4Ngase ngithi:

“Laba yizimpofana nje,

benze ubuwula,

ngoba kabayazi indlela kaSimakade,

nokwehlulela kukaNkulunkulu wabo.

5Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo,

ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade

nesimiso sikaNkulunkulu wabo,”

nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo,

bazigqabula izibopho.

6Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela,

impisi yasehlane ibabhubhise,

ingwe icuthele imizi yabo;

bonke abaphuma kuyo ibadweshule,

ngokuba iziphambeko zabo ziningi,

nokuhlubuka kwabo kukhulu.

7“Kepha ngingakuthethelela kanjani na?

Abantwana bakho bangishiyile,

bafunga okungesibo onkulunkulu.

Ngabondla basutha,

kodwa baphinga,

babuthana endlini yesifebe.

8Bafana namahhashi akhulupheleyo andindayo;

yilowo nalowo ukhanuka

umfazi kamakhelwane wakhe.

9Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade.

“Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini

esizweni esifana nalesi na?

10“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilibhubhise,

nokho ningaqothi imbokodo nesisekelo kulo;

susani amagatsha alo,

ngokuba akusiwo akaNkulunkulu.

11Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda

zenze ubuqili obukhulu kimi,” kusho uSimakade.

12Ziqambe amanga ngoSimakade, zathi:

“Ngeke eze Yena, asehlisele okubi,

asiyukubona nkemba nandlala.

13Abaphrofethi baphenduke umoya nje,

alikho izwi kubo;

ngakho-ke makwenziwe kanjalo kubo.”

USimakade Wehlisela Isizwe Esidla Kwasani Kwa-Israyeli

14Ngakho-ke, usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi:

“Ngokuba nikhulume leli lizwi,

amazwi ami,

ngiyakuwenza amazwi ami emlonyeni wenu,

abe ngumlilo laba bantu

babe yizinkuni, ubadle.

15Ngizakwehlisela kini,

nina ndlu ka-Israyeli,

isizwe esivela kude,” kusho uSimakade;

“yisizwe esinamandla, isizwe esidala,

isizwe ongalwazi ulimi lwaso,

nongakuqondi esikushoyo.

16Umgodla waso ufana nethuna elivulekileyo;

sonke singamaqhawe.

17Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho,

sidle amadodana namadodakazi akho,

sidle izimvu zakho nezinkomo zakho,

sidle imivini yakho nemikhiwane yakho,

sibhubhise ngenkemba imizi yakini

ebiyelweyo enethembele kuyo.

18“Kepha nangalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “angiyukuniqeda nya.

19Kuyakuthi lapho nithi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu ukwenzeleni kithi konke lokhu na?’ Ubatshele, uthi: ‘Njengalokhu ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo-ke niyakukhonza eningabaziyo ezweni elingesilo elenu.’ ”

Animesabi Yini USimakade?

20“Memezela lokhu endlini Jakobe,

ukumemezele ngisho nakwaJuda, uthi:

21Yizwani lokhu,

nina bantu abayiziwula neningenakuqonda;

eninamehlo, kodwa aniboni;

eninezindlebe, kodwa anizwa.

22Aningesabi yini?” kusho uSimakade.

“Anithuthumeli yini phambi kwami?

Mina engibeke isihlabathi

saba ngumkhawulo wolwandle,

umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na?

Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula,

noma lungaduma, alunakuweqa.

23Kepha laba bantu

banenhliziyo enenkani nehlubukayo;

bembukile, bahamba.

24Abashongo ezinhliziyweni zabo, ukuthi:

‘Ake sesabe uSimakade uNkulunkulu wethu,

onika imvula yokuqala neyakamuva

ngesikhathi sayo,

osigcinele amasonto anqunyiweyo okuba sivune.’

25Ububi benu buzibalekisile lezi zinto,

nezono zenu zakuvimba okuhle kini.

26“Ababi bafunyanwa phakathi kwabantu bami,

bayaqamekela njengabacupha inyoni,

babeke ugibe, ukuba babambe abantu.

27Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni,

kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso;

bakhulu, banothile.

28Bakhuluphele, bayacwebezela,

yebo, ububi babo abunamkhawulo,

abehluleli ngokulunga,

abazimeli izintandane

ukuba nazo ziphumelele,

abawalweli amalungelo abampofu.

29Angiyukubajezisa yini ngalokhu na?” kusho uSimakade.

“Umphefumulo wami awuyukusijezisa yini

isizwe esinjengalesi na?

30“Ezweni kwenzeke okumangalisayo nokwesabekayo.

31Abaphrofethi baphrofetha amanga,

abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi.

Abantu bami bathanda khona lokho,

kodwa bayokwenzenjani

uma kufika ukuphela na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help