AMahubo 58 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Wocela Ukujeziswa KwababiKumholi wokuhlabelela. Indlela: ungachithi. ElikaDavide. IMikthamu

1Kungabe impela nikhuluma

ukulunga nobuqotho na?

Madodana abantu,

ngabe nehlulela ngobuqotho na?

2Qha, ingani ezinhliziyweni niphehla

imisebenzi yokungalungi,

ezweni nikala ngendluzula

evela ezandleni zenu.

3Ababi bahlubuka kwasesibelethweni,

abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

4Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka,

banjengemamba edlebelekile,

esivale amadlebe

5ukuze ingalizwa izwi labalumbi

abalumba ngobuchule.

6Nkulunkulu, yephula amazinyo abo

emilonyeni yabo.

Simakade, phohloza amazinyo emihlathi

yamabhongo ezingonyama.

7Mabahwamuke njengamanzi achithekayo;

lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe,

mayibe sengathi inqundekile.

8Mababe njengomnenke oncibilika uphele,

njengokuphuphume kowesifazane,

okungalibonanga ilanga.

9Amabhodwe enu engakakuzweli

ukushisa kwezinkuni zameva,

uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.

10Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo,

uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,

11abantu baze bathi:

“Impela ukhona umvuzo wolungileyo;

impela ukhona uNkulunkulu

owehlulelayo emhlabeni.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help