1 KwabaseKhorinte 5 - IsiZulu 2020

Ukudlanga Kobufebe KwabaseKhorinte

1 Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.

2Kodwa nina nilibele wukuzigabisa kunokuba nilile, ukuze asuswe kini lowo owenze leso sono.

3 Ngokuba mina, nakuba ngingekho phakathi kwenu ngokomzimba, kodwa ngikhona ngokomoya, futhi sengimahlulele lowo muntu okwenzileyo lokho, sengathi nami ngikhona lapho.

4 Ekuhlanganeni kwenu egameni leNkosi uJesu, nami nginani ngomoya nangamandla eNkosi yethu uJesu,

5 ukuba lowo muntu anikelwe kuSathane, kubhujiswe umzimba, ukuze kusindiswe umoya wakhe ngosuku lweNkosi uJesu.

6 Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na?

7 Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe.

8 Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.

9 Encwadini yami nganibhalela ukuthi ningahlangani nezifebe.

10Angisho nje izifebe zakuleli lizwe, noma abahahayo, noma abaphangi, noma abakhonza izithombe; ngokuba uma kunjalo kungamele niphume ezweni.

11 Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.

12Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na?

13 Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help