2 IZikhronike 27 - IsiZulu 2020

UJothamu Uyinkosi KwaJuda

1 UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.

2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile.

3 Wakha isango elingenhla lendlu kaSimakade; wakha okuningi ogangeni e-Ofeli.

4 Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo.

5Walwa nenkosi yabantu bakwa-Amoni, wabehlula. Ngawo lowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolo ayizi-10 000, nawebhali ayizi-10 000. Nangonyaka wesibili nangowesithathu abakwa-Amoni babuye bakuyisa kuye lokhu.

6 UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.

7 Ezinye izindaba zikaJothamu, nazo zonke izimpi zakhe, nezindlela zakhe, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda.

8 Wayeneminyaka engama-25 lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema.

9UJothamu walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini kaDavide. U-Ahazi waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help