INumeri 17 - IsiZulu 2020

Intonga Ka-Aroni Iyahluma

1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

2“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe.

3Entongeni kaLevi uyoloba igama lika-Aroni, ngokuba kuyoba nenhloko eyodwa kuleyo naleyo ndlu yokhokho.

4 Uyozibeka ethendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana nawe khona.

5 Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”

6UMose wakhuluma kubantu bakwa-Israyeli, kwathi bonke abaholi bamnika izintonga zabo. Intonga ngayinye kulowo nalowo mholi njengokwezindlu zokhokho; izintonga ezili-12. Intonga ka-Aroni yayiphakathi kwezintonga zabo.

7 UMose wazibeka izintonga phambi kukaSimakade ethendeni lokuhlangana.

8 Ngakusasa uMose waya ethendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi yayihlumile, yaveza imiqumbe, yaqhakaza izimbali, yathela ama-alimondi avuthiweyo.

9UMose wazikhipha izintonga phambi kukaSimakade wazikhiphela kubo bonke abantu bakwa-Israyeli, babona, kwaba yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.

10 USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.”

11UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile. Wenza kanjalo-ke.

12 Abakwa-Israyeli bathi kuMose: “Uyabona-ke, siyabhubha, siyashabalala, siyaphela sonke ngothi lwethu.

13 Bonke abasondela ethabanakelini likaSimakade bayakufa; siyakufa siphele sonke na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help