AMahubo 60 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Wocela Ukusizwa EzitheniKumholi wokuhlabelela. Indlela: umnduze; ubufakazi. IMiktamu likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu naharayimi nama-Aramu Zoba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti abayizi-12 000

1Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile,

ngoba usithukuthelele;

ake usivuselele futhi.

2Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza,

zivale izimfa zawo,

ngokuba uyazamazama.

3Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima,

wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.

4Abakwesabayo ubanike ifulegi

ukuba baliphakamise ngenxa yeqiniso. Sela

5Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,

sindisa ngesandla sakho sokunene, usiphendule.

6UNkulunkulu ukhulumile esebungcweleni bakhe, wathi:

“Ngizokunqoba, ngihlukanise iShekemi,

ngisilinganise iSigodi iSukhothi.

7UGileyadi noManase bangabami,

u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,

uJuda uyintonga yami yokubusa.

8UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela,

ngiphonsa isicathulo sami phezu kuka-Edomi.

Filistiya, hlokoma ngenjabulo ngenxa yami.”

9Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na?

Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?

10Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na?

Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.

11Sisize esitheni,

ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.

12Sizonqoba ngoNkulunkulu;

Yena uzozinyathela izitha zethu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help