UJobe 22 - IsiZulu 2020

Inkulumo Yesithathu Ka-Elifazi

1U-Elifazi umThemani wayesethatha, ethi:

2 “Umuntu angaba yini

wusizo kuNkulunkulu na?

Ohlakaniphe kakhulu

angaba wusizo yini kuye na?

3 Kuyintokozo yini kuSomandla uma ulungile?

Kunomvuzo yini kuye

uma wenza izindlela zakho

zibe msulwa na?

4 “Ngabe ukusola ngenxa yokumesaba

kwakho yini,

aze angene nawe ekwehlulelweni na?

5 Ububi bakho abubukhulu yini na?

Izono zakho azinakuphela.

6 Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kubafowenu,

wahlubula abampofu izingubo zabo.

7 Awumphuzisanga amanzi okhatheleyo,

awumnikanga ukudla olambileyo.

8 Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;

ohlonishwayo uhlala kulo.

9 Uxoshe abafelokazi bengenalutho,

wafihliza izingalo zezintandane.

10 Ngakho-ke uzohaqwa yizingibe;

wethuswe wuvalo oluzumayo.

11 Uyokwembozwa ngubumnyama,

ukuze ungaboni,

nesikhukhula samanzi siyakukusibekela.

12 “UNkulunkulu akekho yini

phezulu ezulwini na?

Bheka, izinkanyezi eziphakemeyo

ukuthi ziphakeme kangakanani.

13 Uthi wena:

‘UNkulunkulu wazini na?

Angehlulela yini engale

kwesigayegaye na?

14 Amafu ayamsibekela

ukuze angaboni;

uhamba esiyingelezini sezulu.’

15 Uyakuyigcina yini indlela yasemandulo

eyahanjwa yizikhohlakali na?

16 Yizo ezahlwithwa kungakabi yisikhathi,

ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,

17 ezazithi kuNkulunkulu:

‘Suka kithi;

uSomandla angenzani na?’

18 Kepha nguye owagcwalisa izindlu zazo ngokuhle.

Amasu ezikhohlakali akude nami.

19 “Abalungileyo bayakukubona, bathokoze;

abangenasici bayabaklolodela, bathi:

20 ‘Impela ababemelene nathi sebebhujisiwe,

nabakushiyileyo kuqothulwe ngumlilo.’

21 “Mawubuyisane noNkulunkulu,

ukuze ube nokuthula;

ngaleyo ndlela, okuhle kuyakufika kuwe.

22 Ake wemukele imfundiso

ephuma emlonyeni wakhe,

ubeke amazwi akhe

enhliziyweni yakho.

23 Uma ubuyela kuSomandla, uyakusimamiswa,

uma ususa ukungalungi ethendeni lakho,

24 ulahle igolide lakho othulini,

nelase-Ofiri ulitshinge phakathi

kwamatshe esigodini,

25uSomandla uyakuba yigolide lakho

nesiliva elikhazimulayo kuwe.

26 Ngalokho uyothokoza ngoSomandla,

ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.

27 Uyakukhuleka kuye, akuzwe,

wena ufeze izithembiso zakho.

28 Uyakunquma ukwenza okuthile,

kwenzeke,

ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.

29 Uma bekwehlisa isithunzi,

uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’

ngokuba uyamsindisa ozithobayo.

30 Umuntu ongemsulwa uyakumhlenga naye,

uyakumhlenga ngobumsulwa bezandla zakho.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help