AMahubo 52 - IsiZulu 2020

Ukuziqhayisa Kwesiqhwaga Nomusa KaNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. IMaskili likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki”

1We siqhwaga,

uziqhayiselani ngokubi na?

Umusa kaNkulunkulu

umi njalo.

2Ulimi lwakho luhlale

lusongoza amacebo amabi,

njengensingo ebukhali,

wena menzi wobubi,

3uthanda okubi

kunokuhle,

amanga kunokulungileyo. Sela

4Wena lulimi lwenkohliso,

uthanda onke amazwi

abhubhisayo.

5Kepha uNkulunkulu

uzokuqumba phansi

kuze kube phakade;

uzokubamba,

akukhiphe ethendeni lakho,

akusiphule nasezweni

labaphilayo. Sela

6Abalungileyo

bayokubona lokho,

besabe;

bakuhleke, bathi:

7“Bheka, nasi isiqhwaga

esingazange simenze uNkulunkulu

abe yinqaba yaso,

kodwa sethembela ebuningini

bomcebo waso,

sabambelela kakhulu

ebubini baso.”

8Kepha mina ngifana nesihlahla

somhlwathi esiluhlaza,

endlini kaNkulunkulu.

Ngethembele emseni kaNkulunkulu

kuze kube phakade.

9Ngizokudumisa kuze kube phakade,

ngokuba ukwenzile lokho.

Ngizolindela igama lakho,

ngokuba lihle phambi

kwabathembekile bakho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help