AMahubo 39 - IsiZulu 2020

Impilo Yomuntu Iyedlula MasinyaneKumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni. Ihubo likaDavide

1Ngithe:

“Ngizoqaphela izindlela zami,

ukuze ngingoni ngolimi lwami;

umlomo wami ngizowufaka isimfonyo,

inkani nje uma kunababi

phambi kwami.”

2Bengizithulele, ngingasho lutho,

ukuthula akungisizanga,

inhlupheko yaya ngokuya ikhula.

3Inhliziyo yami yabila ngaphakathi,

kwaphembeka umlilo ngisazindla,

ngakuphumisela ngolimi lwami.

4“Simakade, ngazise isiphetho sami,

nokuthi zingakanani izinsuku zami;

mangazi ukuthi ngingodlulayo.

5Bheka, izinsuku zami wazenza zaba

ngangobubanzi besandla,

imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe,

impela yilowo nalowo muntu

ungumoya nje,

noma eqine kangakanani. Sela

6“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje,

impela uzikhathaza ngokuyize nje;

unqwabela imfuyo,

kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

7“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na?

Ithemba lami likuwe.

8Ngihlenge kuzo zonke izinhlupheko engikuzo.

Ungangenzi inhlekisa yesiwula.

9Ngithule, angiwuvuli umlomo wami,

ngokuba nguwe okwenzile lokho.

10Susa inhlupheko ongehlisele yona,

ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela.

11Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe,

lokho okuligugu kuye,

ukudla njengobuvunya, kuphele nya,

wonke umuntu ungumoya nje. Sela

12“Simakade, yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe ekunxuseni kwami,

izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula.

Ngokuba kuwe ngingumfokazi,

isihambi, njengokhokho bami.

13Yeka ukungigqolozela,

ukuze ngibuye ngimamatheke,

ngaphambi kokuba ngemuke,

ngingabe ngisaba khona.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help