UJoshuwa 20 - IsiZulu 2020

Imizi Eyisithupha Yokuphephela

1 USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose

3ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi.

4Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo.

5Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini.

6Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’ ”

7 Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.

8 Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase.

9Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help