1 USamuweli 11 - IsiZulu 2020

USawule Unqoba Abakwa-Amoni

1 UNahashi wakwa-Amoni wenyuka, wakanisa eJabheshi Gileyadi. Bonke abantu baseJabheshi bathi kuNahashi: “Masenze isivumelwano, thina sizokukhonza.”

2 UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngizosenza nani isivumelwano ngokuba nonke nikhiphe amehlo enu akwesokudla, lokho ngiyakukubeka kube yihlazo kuwo wonke u-Israyeli.”

3 Amalunga aseJabeshi athi kuye: “Ake usiyeke izinsuku eziyisikhombisa, ukuze sithumele izithunywa kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli; uma kungekho ozosihlenga, siyozinikela kuwe.”

4 Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.

5 Bheka, kwaqhamuka uSawule eqhuba izinkomo, evela ensimini. USawule wathi: “Bakhalelani kangaka abantu na?”

Base bemlandisa ngokwakushiwo ngabantu baseJabheshi.

6 Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu.

7 Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.”

Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.

8Wabahlela eBhezeki; abakwa-Israyeli babeyizi-300 000; abakwaJuda beyizi-30 000.

9Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ”

Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza.

10 Abantu baseJabheshi bathi: “Kusasa sizozinikela kini, nenze kithi konke okuyakuba kuhle emehlweni enu.”

11 Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye.

12 Abantu bathi kuSamuweli: “Ngubani othe uSawule uzobusa phezu kwethu, na? Baletheni lapha labo bantu sibabulale.”

13 USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”

14 USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani, masihambe siye eGiligali sifike simise umbuso khona.”

15 Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help