1 IZikhronike 7 - IsiZulu 2020

Isizwana Sakwa-Isakhare

1Amadodana ka-Isakhare: kwakunguThola, uPhuwa, uJashubhi noShimroni; esewonke ayemane.

2 Amadodana kaThola: kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahemayi, u-Ibhisamu, noShemuweli. Babeyizinhloko zezindlu zokhokho babo, abakwaThola, bengamaqhawe anamandla ngezizukulwane zabo. Ubuningi babo ngesikhathi sikaDavide babeyizi-22 600.

3Indodana ka-Uzi: kunguJizirahiya. Amadodana kaJizirahiya: kwakunguMikhayeli, u-Obhadiya, uJoweli noJishiya; eyisihlanu esewonke futhi wonke eyizinhloko.

4Kuwo kwakukhona amabutho ngamaviyo awo, ezizukulwaneni zezindlu zokhokho bawo. Kwakungamabutho ayizi-36 000, ngokuba babenabafazi abaningi namadodana amaningi.

5Abakwa-Isakhare ngokwemindeni babeyizi-87 000, bengamaqhawe, futhi bonke bebhalwe ngezizukulwane zabo.

Isizwana SakwaBhenjamini

6 Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri noJediyayeli; emathuthu esewonke.

7Amadodana kaBhela: kwakungu-Eshibhoni, u-Uzi, u-Uziyeli, uJeremothi, no-Iri, eyisihlanu esewonke. Ayeyizinhloko zezindlu zawoyise, engamaqhawe anamandla, ayeyizi-22 034, wonke ebhalwe ngokwezizukulwane zawo.

8Amadodana kaBhekheri: kwakunguZemira, uJowashi, u-Eliyezeri, u-Eliyohenayi, u-Omri, uJeremothi, u-Abhiya, u-Anathothi no-Alemethi. Bonke laba abangenhla kwakungamadodana kaBhekheri.

9Abhalwa ngokwezizukulwane zawo, eyizinhloko zezindlu zokhokho bawo, engamaqhawe anamandla, eyizi-20 200.

10Indodana kaJediyayeli: kwakunguBhilihani. Amadodana kaBhilihani: kunguJewushe, uBhenjamini, u-Ehudi, uKhenahana, uZethani, uTharishishi no-Ahishahari.

11Bonke laba babengamadodana kaJediyayeli, beyizinhloko zezindlu zawoyise, bengamaqhawe anamandla, beyizi-17 000 abase bekulungele ukuphuma impi.

12Amadodana ka-Iri: kwakunguShuphimi noHuphimi. UHushimi eyindodana ka-Aheri.

Isizwana SakwaNafethali

13Amadodana kaNafethali: kwakunguJaziyeli, uGuni, uJezeri noShalumi, amadodana kaBhiliha.

Isizwana SakwaManase

14Amadodana kaManase: kwakungu-Asiriyeli ayemzalelwe isancinza sakhe, umAramukazi, sazala noMakhiri uyise kaGileyadi.

15UMakhiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, udadewabo kwakunguMahakha. Igama lowesibili kwakunguZelofehadi. UZelofehadi wayenamadodakazi wodwa.

16UMahakha, umkaMakhiri, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguPhereshi; igama lomfowabo kunguShereshi; amadodana akhe kungu-Ulamu noRakhemi.

17Indodana ka-Ulamu: kunguBhedani. Labo babengabozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase.

18Udadewabo, uHamolekhethi, wazala u-Ishihodi, u-Abhiyezeri noMahela.

19Amadodana kaShemida: kwakungu-Ahiyani, uShekhemi, uLikhihi no-Aniyamu.

Isizwana Sakwa-Efrayimi

20 Abozalo luka-Efrayimi: kwakunguShuthela, uBheredi, uThahathi, u-Eleyada uThahathi,

21uZabhadi, uShuthela, u-Ezeri no-Eleyadi, babulawa ngabantu baseGathi ababezelwe kulelo lizwe, ngokuba behla ukuzothatha imfuyo yabo.

22U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza bamduduza.

23Walala nomkakhe, wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguBheriya, ngokuba wathi indlu yakhe beyehlelwe yinhlekelele.

24 Indodakazi yakhe kwakunguSheyera owakha iBhethi Horoni eZansi naseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25Indodana yakhe kwakunguRefa, uThela, uThahani,

26uLadani, u-Amihudi, u-Elishama,

27 uNuni, noJoshuwa.

28 Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBhethele nemizana yalo, ngasempumalanga kuyiNaharani, ngasentshonalanga kuyiGezeri nemizana yalo, iShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;

29ngasemingceleni yabakwaManase kuyiBhethi Sheyani nemizana yalo, iThahanakhi nemizana yalo, iMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo ndawo kwahlala abakwaJosefa, indodana ka-Israyeli.

Isizwana Sakwa-Asheri

30 Amadodana ka-Asheri: kwakunguJimna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, nodadewabo uSera.

31Amadodana kaBheriya: kunguHebhere, noMalikhiyeli owayenguyise kaBhirizayithi.

32UHebhere wazala uJafelethi, uShomeri, uHothamu, noShuwa, udadewabo.

33Amadodana kaJafelethi: kwakunguPhasakhi, uBhimihali, no-Ashivathi. Laba kwakungamadodana kaJafelethi.

34Amadodana kaShemeri: kwakungu-Ahi, uRohiga, uJehuba no-Aramu.

35Amadodana kaHelemi, umfowabo: kunguZofa, uJimna, uSheleshi no-Amali.

36Amadodana kaZofa: kwakunguShuwa, uHarineferi, uShuhali, uBheri no-Imra,

37uBhezeri, uHodi, uShama, uShilisha, u-Ithrani noBheyera.

38Amadodana kaJetheri: kwakunguJefune, uPhisipha no-Ara.

39Amadodana ka-Ula: kungu-Ara, uHaniyeli noRiziya.

40Bonke laba babengabozalo luka-Asheri, izinhloko zezindlu zokhokho, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zabaholi. Inani labo sebebonke elibhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini, kwakungamabutho ayizi-26 000.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help